Ikhwelo leSalga komasipala emuva kokuntshontshelwa kweTheku

304

PHUMLANI GAMA

IHLABE ikhwelo komasipala baKwaZulu-Natal, iSouth African Local Government Association (Salga) kulesi sifundazwe, emuva kokubanjwa kwabesilisa ababili baseMozambique sebeyowela umngcele nempahla kaMasipala weTheku ebiza imali elinganiselwa ku-R1.8 million

UHerminio Afonso (44) noSalomao Zibia (31), babanjwe wuhlaka lwamaphoyisa olusanda kubunjwa ukulwa nobugebengu emngceleni waleli neMozambi-que, eManguzi – iBorder Mana-gement Authority – ngokubambisana noKlebe. Kulindelwe ukuba bavele okwesibili namuhla eNkantolo yeMantshi yaseManguzi ukuyofaka izicelo zebheyili. 

Ekhuluma neLANGA, uSihlalo weSalga KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, unxuse ukuba bonke omasipala baqinise izinhlaka zabo zezokuphepha. 

“Kufanele kube nohlelo lwansuku zonke lokubheka ukuthi ngabe yonke into isahamba kahle yini, kuzona zonke izinto nezakhiwo ezithinta umasipala. Maqondana nodaba lwaseThekwini, sifuna ukubona kuboshwa abantu maduze nje,” kusho uNtuli. 

Uthe kuzomele zithathelwe izinyathelo ezinqala zomthetho izikhulu zeTheku okusolwa ukuthi ziyathinteka kulobu bugebengu. Uthe lesi sigameko siveza isithombe sokuthi kuningi ukuganga komasipala, ikakhulukazi ezinhlakeni zokuqiniswa komthetho. 

“SiyiSalga kulesi sifundazwe, sifuna kwenziwa uphenyo olusobala. Abengeke aphume amalambu omkhandlu singekho isandla sawo (umasipala). ITheku limnyama ezingxenyeni eziningi, kawekho amala-mbu okufanele akhanyisele umphakathi,” kusho uNtuli. 

Previous article“Kuhlabeke” inkosikazi kuboshwa uthishanhloko kwelephoyisa
Next articleIphupho lemeya ngoMntwana uMagogo kukhunjulwa uShenge