SENZO SOKHELA
UGIXATSHEZWE ngenkontileka yeminyaka emibili yikilabhu engomakoti bePSL, uRoggert Nyundu (37) obeseyeke ibhola, wayosebenza ezimayini. IKruger United yaseMpumalanga esanda kunyukela kwiMotsepe Foundation Championship (MFC) emuva kokulala isibili kwiSafa National ABC Motsepe League Play-offs ngenyanga edlule e-Upington, eNorthern Cape, isayinise lo mdlali wodumo kwiBloemfontein Celtic nakwiBlack Leopards.
Kuthiwa uVusi Mkhatshwa ongumqeqeshi – omemezele ukuthi uyashiya kule kilabhu emuva kokuyifaka kwiMFC – ubuyile, usazoqhubeka. Kuthiwa uphansi phezulu ufuna abadlali azogadla ngabo.
UNyundu unikwa le nkontileka nje, uke wahoxa iminyaka emibili ebholeni elikhokhelayo, wayosebenza ezimayini zakhona eMpumalanga.
Ekhuluma neLANGA ukuqinisekisile ukuthi usayinile kwi-United. “Bese ngizisebenzela ezimayini, sengizidlalela emaligini aphansi ukuziqhubela isikhathi. Kungethusile okwenzekile, yingakho nginqume ukuqhubeka nokudlala. Ngisayine inkontileka yeminyaka emibili enesivumelwano sokuyelula ngomunye unyaka. Kodwa-ke kule sizini ezoqala ngifuna ukuqala izifundo zokuqeqesha ngoba ngeke
ngidlale ibhola impilo yami yonke,” kusho uNyundu.
Uthe njengoba bekwiMFC nje, bazolwela ukuqopha umlando ngokunyukela kwiDStv Premiership.