Ikuphindile lokho i-EFFSC eMangosuthu

429

MTHOBISI SITHOLE

IDLE umhlanganiso i-Economic Freedom Fighters’ Students Command (EFFSC) okhethweni obelungoLwesine olwedlule lweStudents Representative Council (SRC) yaseMangosuthu University of Technology (MUT). NgoLwesithathu olwedlule bekushikisha ufudu izinhlangano zezepolitiki ziphithizela kulesi sikhungo emkhankasweni wokunqoba lolu khetho. I-EFFSC inqobe izihlalo eziwu-6 ngamavoti awu-3 165 kwalandela i-South African Students Congress (Sasco) ngamavoti awu-1 695 nezihlalo eziwu-3 . ISouth African Democratic Students Movement (Sadesmo), ibuye ilambatha njengoba ithole amavoti awu-914 okwenze yangathola sihlalo. 

Kwabawu-8 abebengenele ukhetho ngokuzimela, uThobisa Dalasile uthole isihlalo ngamavoti awu-2041 kanti uLihle Zenzile yena usithole ngawu-2 410. I-EFFSC isiyiphendule ikhaya layo iMUT njengoba bekuvele kuphethe yona kanti ngaphambi kokhetho olwandulela lolu lwangesonto eledlule, kwakuyiyona eshaya amaphiko kulesi sikhungo.

Okugqamile wukuthi amavoti amaningi aye kwabebengenele ukhetho ngokuzimela njengoba bethole awu-11 262 sebehlangene uma kuqhathaniswa naweEFFSC, iSasco neSadesmo awu-5774. Awu-21 amavoti amoshekile. Le nyuvesi ibongele izitshudeni ezinqobile okhethweni nokuhamba kahle kwalo. Ukhetho lwaseMUT lwahlehliswa ngenxa yokukhothama kweNkosi Mangosuthu Buthelezi engumsunguli wale nyuvesi.

mthobisis@ilanganews.co.za 

Previous articleEyokususwa ejele “iqulekise” uMagudumana
Next articleSikhathaze ijaji isicelo sommeli kwelikaMeyiwa