JOHN HLONGWA
IKHALE ngesigcwagcwa eyaba naso ngenxa yokuzibandakanya nepolitiki nokusondelana noMntwana waKwa-Phindangene – iNkosi uMangosuthu Buthelezi – iNkosi uMzamo Buthelezi yaseMbongombongweni, oPhongolo (esesithombeni), ngesikhathi igcotshwa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini ngoLwesihlanu. Ithi yisona sizathi esenze kwaphela iminyaka ewu-21 ihleli esihlalweni, kodwa lutho ukugcotshwa ngokusemthethweni. Umcimbi wokugcotshwa kwenkosi ubuhlelwe wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, oholwa nguMfu uThulasizwe Buthelezi.
Ikhuluma neLANGA ngemuva kwalo mcimbi, iNkosi uButhelezi – eyisekela likamengameli we-IFP – ithe ukungagcotshwa kwayo isikhathi eside kangaka besekuzwela kuyona. “Ngifisa ukubonga iSilo uMisuzulu kaZwelithini, uNdunankulu kaZulu, uMfu uButhelezi nomndeni wakithi ngokwenza isiqiniseko sokuba lo mcimbi ugcina wenzekile. Lokhu sikuthatha njengokuthi kuvaleke inxeba ebelibhibha ngenxa yomlando wesizwe sakwaButhelezi,” kusho iNkosi uButhelezi.
Ichaza ngomlando wayo, ithe umndeni wakwayo wadingiselwa eDumbe. “Umkhulu owayeyinkosi ekhaliphile futhi eyiqhawe, uNkosiyenhliziyo, owayehlale elandelwa yizinhloli zikahulumeni wamaBhunu, wayenohambo eye eMahlabathini. Kwathi uma ebuya, wafica inxuluma lomuzi wakhe lingqongqiswe ngomlilo, ondlunkulu bakhe abawu-9 bathathwa, bayolahlwa eDumbe, okuyilapho ngikhulele khona. Yingakho abantu bakwaButhelezi begcwele izwe lonke, kungenxa yalesi sihluku esenziwa wuhulumeni wangaleso sikhathi,” kusho inkosi.
Ithi iyakubonga ukungena kwesizwe sayo emlandweni. “Ngiwujabulele kakhulu umlando owenzekile wokuthi umcimbi wokugcotshwa kwami usingathwe yizilo ezimbili, okuwuMdlokombane (iSilo uZwelithini) noMisuzulu. “Umcimbi waqala ngokuthi ngithelelwe amanzi nguMdlokombane njengoba manje usuphethwa yiSilo uMisuzulu,” kusho inkosi.
Izwakalise isifiso sokuthi uhulumeni ukuthathele phezulu ukugcotshwa kwamakhosi, ikakhulukazi lawo angekho embangweni wezihlalo. “Ngikusho lokho ngoba maningi amakhosi engaqala ukubusa kuqala kunawo, amanye ngangibusa noyise, kodwa agcotshwa kuqala kunami. Izisebenzi zikahulumeni bezike zifike lapha ekhaya, zithi zilungiselela ukungigcoba, zize zikhiphe ngisho usuku lomcimbi, kanti zidlala ngami,” isho.
INkosi uButhelezi izalwa yiNkosi uMfanawenjinga kaNkosiyenhliziyo. Izindlu zakwaButhelezi zintathu – ngeyaseMbongombongweni, ngeyaKwaPhindangene neyaseMpithimpithini, yeNkosi uMfanuvele.
INkosi uMzamo inondlunkulu ababili – uKaSambo noKaMvubu – nabatwana abane. Isizwe sayo sakhelwe yizigodi eziwu-10.