LUCKY CAIN
LIHLELA umzungezo kazwelonke lethula umucu walo ohambisana nemigubho yeminyaka ewu-20 libumbene iqembu lomculo, iMalini. Leli qembu elihlanganiswe uThofo Goge noMdu Ntombela, ngeledlule likhiphe umucu othi “Abadala”. Liveze ukuthi lihlangabezane nenqwaba yezingqinamba emculweni.
Ekhuluma neLANGA uThofo, uthe kuyisibusiso ukuthi ngemuva kweminyaka emingaka bekhona emculweni, basahlangene futhi babumbene. UMdu uthe okunye okubenze babendawonye yonke le minyaka, wukuhloniphana e
Uthe okuhle ngeMalini wukuthi kule minyaka ikhona, kayikaze isishintshe isigqi sayo. “Thina sicula i-afropop enesigqi sikamaskandi, okuyisona abantu abasithandayo ngathi,” kusho uMdu.
Uqhube ngokuthi nayo le ngoma entsha isigqi sayo siyefana. Uthe bakhiphe i-EP enezingoma ezine, okungethi “Abadala”, “Umamezala”, “Memeza” nethi “Sisho Ngenkani”. Uthi kusukela ngenyanga ezayo. bazoqala umzungezo wokuhambela izindawo ezahlukene, benza imicimbi futhi bethula nezingoma zabo ezintsha.
IMalini iyaziwa ngamanoni okubalwa kuwo ingoma ethi iJikelele, ethi Ucingo, Wawu-vumile nethi Balele.
lucky.cain@ilanga-news.co.za