Imantshi enkantolo ngamacala enkohlakalo

210

BHEKI NDLOVANA

KUPHENDUKE amatafula imantshi, uMnu Eric Sbusisos Nzimande (62) (esesithombeni), ingena ebhokisini labasolwa eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine mayelana namacala awu-5, amayelana nenkohlakalo nokuphambana nomthetho wokunqanda nokulwa nenkohlakalo, iPrevention and Combatting of Corrupt Activities (PRECCA).

UNzimande – ongumengameli wezinkantolo zesifunda KwaZulu-Natal – usolwa ngokuthi wemukela umgwazo wemali elinganiselwa ku-R230 000. Ngokwesikhundla sakhe – uNzimande osamisiwe emsebenzini – ubenegunya lokwenza iziphakamiso kungqongqoshe wezobulungiswa nezokuhlunyeleliswa kwezimilo, mayelana nokuqokwa kwamabamba ezimantshi ezinkantolo zesifunda.

Ngokusho kukaNkk Natasha Ramkisson-Kara okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal,ungqongqoshe wayethembele kuNzimande uma kufanele kuqokwe amabamba ezimantshi ezikhundleni. Uthi kusukela ngoMbasa (April) ka-2012 kuya kuMfumfu (October) ka-2015, uNzimande waphakamisa amagama abantu abambalwa ukuba baqokwe babe ngamabamba ezimantshi.

Umbuso usola ukuthi uNzimande wafuna futhi wathola ‘umgwazo’ kulabo aphakamisa amagama abo. Kusolwa ukuthi lowo mgwazo wawufuna, wawuthola ngaphambi noma ngemuva kokuqokwa kwabo. Ngesikhathi evele enkantolo, unikwe amaphepha aqukethe imininingwane yecala.

Icala lakhe lidluliselwe eNkantolo eNkulu eThekwini lapho ezovela khona okokuqala mhla ka-20 kuNhlaba (May) wezi-2024.

bhekin@ilanganews.co.za

Previous articleKubalulekile ukudlalisana ngaphambi kwenkonzo yasekameleni
Next articleUdilikajele enkabini eyabulala uthisha ngenxa yomyeni “onomona”