IMaritzburg igaqele ovuthayo kwi-Ajax

816
UTHABO Mosadi we-Ajax Cape Town okuvela ukuthi ugaqelwe yinqwaba yamakilabhu kwi-Absa Premiership. 
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMosadi uphika eyokusayina kwiCape Town City

SENZO SOKHELA

IMARITZBURG United icathamela umdlali we-Ajax Cape Town okuvela ukuthi ugaqelwe yinqwaba yamaki-labhu kwi-Absa Premiership. 

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi iMaritzburg ifuna phansi phezulu uThabo Mosadi odlala kwi-Ajax Cape Town. 

Inkontileka kaMosadi ne-Ajax iyaphela uma kusongwa isizini. 

Lo mdlali kuvela ukuthi ufunwa nayiKaizer Chiefs neCape Town City. 

Lo mdlali ebuzwa yileli phephandaba ngalolu daba uthe: “Yebo akhona amakilabhu angifunayo amanye ngiyaxoxa nawo. 

“Okwamanje ngeke ngikwazi ukuwadalula ngoba angikaqedi nawo. Kuke kwavela ukuthi sengisayine kwiCape Town City. Ngifu-na ukucacisa ukuthi ngamanga aluhlaza lawo, ayikho ikilabhu esengisayine nayo. 

“Inkontileka yami iyaphela uma kusongwa isizini impela kodwa bengingakasayini namuntu. 

“Empeleni sisabanga nomphathi wami ufuna ngisayine kwiCity kodwa mina ngiyala ngoba angifuni ukuxhamazela,’’ kusho uMosadi. 

UFarook “Ntshebe” Kadodia ongusihlalo weMaritzburg ebuzwa ngalolu daba uthe: “Kuyiqiniso ukuthi siyamufuna kodwa besingakalitholi ithuba lokuxoxa naye. 

“Umuntu okunguyena omdinga-yo ngumqeqeshi wethu ngoba ubona engaba wusizo. 

“Empeleni umbona ezongena khaxa esitayeleni sethu ngoba unesivinini lesi esidlala ngaso,’’ kusho uKadodia.

Previous articlekuboshwe umsubathi nge-corona
Next articleinsizwa ibibikela unina uma isifuna ukuthatha