Undlunkulu uthi uma abafana bengakhuliswa kahle, kungaba nomkhulu umehluko
JOHN HLONGWA
UKHUTHAZA abesifazane ukuba basukume, bazibambele mathupha ekulweni nesihlava sokuhlukunyezwa kwenzalabantu nezingane, uNdlunkulu Ntokozo Zulu, uKaMayisela, weSilo uMisuzulu kaZwelithini kaBhekuzulu.
Engxoxweni ekhethekile abenayo neLANGA, ukubeke kwacaca ukuthi njengoba esengundlunkulu, lokho sekuzomnika amandla anele ukulwa nalesi sihlava abevele elwa naso ngoba besimkhathaza.
Ukukhathazeka kwakhe ngalesi simo, kuholele ekutheni asungule inhlangano efundisa abafana ngokuphathwa kwabesifazane, iKaMasikolo Foundation, ayiqambe ngoyise.
Uthi uyakholwa wukuthi uma abesifazane bengakhulisa amadodana abo ngobuqotho, bawatshele ukuthi umuntu wesifazane nengane babaluleke kangakanani, lokho kungawenza umehluko esizweni.
“Into engifuna ukuyenza ngale nhlangano, wukukhulisa abafana abancane okuyiyona into esenhlizweni yami.
“Yize ezinye zezingane zikhula ngaphandle koyise, kodwa kangifisi ukubagxeka, ngifuna sibheke ukuthi nangu umuntu wesifazane usethole ithuba lokukhulisa ingane yakhe eyedwa yize ebengakuhlelele lokho kumele ayifundise ngaye uqobo ukuthi umuntu wesifazane uphathwa kanjani.
“Indlela okumele ikuphathe ngayo, kuseyindlela efanayo nale okufanele iphathe ngayo umuntu wesifazane ezobe isithandana naye. Ukwenza isibonelo; yitshele ukuthi ungunina ufisa ikuphathe kanjani, uyifundise ukuthi mayikuvulele isicabha emotweni noma ikubekele isitulo. Lezo zinto ezincane nje, zibalulekile,” kusho uNdlunkulu uKaMayisela.
Ugqugquzela abesifazane ukuba bangavumi ukuhlukunyezwa emakhaya ngoba lokho kwenza izingane zicabange ukuthi yiyona ndlela yokuphila.
“Kulula ukuthi izingane zikhohlwe yinto ozitshele yona, zenze eziyibonile. Uma omama bevuma ukushaywa phambi kwezingane, bakubekezelele lokho, kwenza ukuthi noma izingane ungazifundisa kangakanani, kodwa kazikhohlwa ngezikubonile.
“Eyesifazane nje, ikhula yazi ukuthi ngoba umama uyabekezela uma eshaywa, kusho ukuthi nayo kumele ibekezele uma ishaywa ngumuntu wesilisa.
“Neyesilisa ngoba ike ibone uyise eshaya unina ekhaya, iye icabange ukuthi inelungelo lokukwenza lokho ngoba ikufunde ekhaya (kuyise),” kusho yena.
Wenze umzekeliso ngokuthi uma owesifazane eyashaywa phambi kwengane, ngakusasa usehambisa ukudla ngethileyi kumuntu okade emshaya, lokho kuthumela umyalezo ongemuhle enganeni.
“Kungalesi sizathu ngingafuni ukusola abathile ukuthi bayimbangela yalesi sihlava, kodwa ngikhuthaza abesifazane ukuthi impi isingangathi, masiyibambe,” esho.
Uthi eyendoda eshaya umuntu wesifazane akazi nokuthi angayithini ngoba iBhayibheli liyasho ukuthi indoda ingumvikeli nomondli womndeni.
Uxwayise ngokuthi uma umuntu wesifazane ehlalela impama namhlanje, kusasa uzokhahlelwa, okulandelayo uzobulawa.
“Ngicabanga ukuthi into engifaka ugqozi ngendaba yokuhlukunyezwa kwabesifazane, wukuthi ngizele amadodana amabili, kangazi ukuthi ngingathini ngelinye ilanga uma kungafika umuntu lapha ekhaya athi amhlukumezile,” kusho undlunkulu othi unethemba lokuthi uma abafana bekhuliswa kahle, ungabonakala umehluko. bheka nasekhasini 6.