PHUMLANI GAMA
IKHUZE isihlava sokwanda kwezigameko zokuthunjwa kwezingane nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane esizweni sayo iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini. ISilo besethula inkulumo yokwandulela ukuqala kokwethulwa kwesifundo ngeSilo uCetshwayo kaMpande owayehola amabutho kaZulu ahlabana empini yaseSandlwana eNquthu eyayiphakathi kwamaNgisi noZulu. Lo mcimbi bewubanjelwe enkundleni yezemidlalo eRichards Bay ngaphansi kukaMasipala iKing Cetshwayo ngoLwesihlanu. Le mpi yanqotshwa ngamaZulu. ISilo siveze ukuthi siyashaqeka ngokwanda kwezigameko zalolu hlobo.
“Namuhla ekuseni (ngoLwesihlanu) ngishaqeke kakhulu ngesikhathi ngivula umabonakude ngibheka izindaba ngibona isigameko okubikwe ukuthi
senzeke KwaDukuza. Bekubikwa ngengane ebulewe yacwiywa ingxenye yezitho zomzimba. Kuwumkhuba omubi lona. “Kakuyona indlela nosiko okufanele sihambe ngalo lolu. Ngiyacela ukuthi uphele lo mkhuba. Uma kukhona abanolwazi ngabantu abathinteka ezigamekweni zalolu hlobo nginxusa ukuba bababike ngoba kufanele uqedwe lo mkhuba. “Izigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nokubulawa babuye bacwiywe kusilahlekisela ngesithunzi sethu. Izizwe eziningi ziyasihlonipha futhi saziwa ngokuthi siyisizwe esinokuthula futhi esingezwani nezinto ezingalungile,” kusho iSilo.
INgonyama inxuse isizwe ukuba siphume ngobuningi baso ukuyobamba iqhaza emcimbini wokugujwa kosuku lwase-Sandlwana mhla ka 21kwephezulu. Ithe iSilo uCetshwayo sinomlando omuhle. ISilo sibuye senza ihlaya ngokuthi abaningi bayaye basifanise neSilo uCetshwayo. “Ngiyakhuthaza ukuba abantu baphume ngobuningi babo ukuyobamba iqhaza kulo mgubho waseSandlwana. Kafushane nje, ngiyafisa ukusho ukuthi amabutho angaleso sikhathi alwa impi ngezandla nangejozi. Thina kufanele silwe impi ngokuvikela okungokwethu. “Kufanele silwele ukuya phambili ngezinhlelo zethu sivikele izwe.
“Kuningi okukhona kuleli lizwe esingahambisani nakho okwenzekayo kodwa kufanele singakulibali ukuthi imithetho nemigomo elawula ukuphathwa kwezwe kwenzeke ngemuva kokuba thina sasivele siphila ngemithetho yethu okufanele ukuthi namanje siqhubeke ngayo. Wonke umuntu ubalulekile KwaZulu. “Ngiyakhuleka sizwe sika-Mageba ukuba siqhubeke nokuvikela umlando wethu ngokuthi sonke sibe khona kulowaya msebenzi esiya kuwona. “Kubalulekile ukuthi sonke sibe khona ngosuku lomcimbi ngoba wonke umuntu uzobe ehambela umndeni wakhe. Ngiyazinikela ekubambisaneni nani. “Ngiyazi ukuthi zikhona izinkinga ezihlasele kulezi zikhathi zamanje zokuphila. Kamuva nje sihlaselwe yizimvula ezinamandla, kwemuka abantu, kwemuka imizi.
“Kuwona lo nyaka esisanda kuwuphetha ngezithuba zamaholide kuvele kwaqubuka igagasi kwemuka abantu. “Konke lokho kusinika inselelo yokuba sizinuke amakhwapha ukuthi konakelephi. Kumanje kunezindaba zamacala asezinkantolo. “Konke lokho kakuvimbi ukuba siqhubeke nomsebenzi wesizwe ngoba uma sizovumela labo abathi kufanele kumiswe yonke into ngoba kunamacala, kusho ukuthi ngolunye usuku bazofike basitshele ukuthi masibeke phansi imvunulo yethu ngoba kunamacala,” kusho iMbube. ISilo sibuye sabonga uNdunankulu kaZulu, uMntwana waKwaPhindangene iNkosi Mangosuthu Buthelezi ngokuba seduze kwaso nangezeluleko zakhe asinika zona nsuku zonke.
“Sibonge idlozi likaMageba nawo wonke amakhosi alesi sizwe ngokusigcinela uMntwana waKwaPhindangene ngoba ufana nenqolobane yomlando kaZulu. Nami ngiyathokoza futhi ngizizwa ngiphephile ngokuba khona kwakhe. “Ngaye eyedwa baningi abezizwe okuyaye kuthi uma bembona futhi bebona ukuthi usaphila baqhaqhazele. Kuningi engisazokuncela kuyena okuyoba yizinduku zami zokuhola lesi sizwe,” kusho iMbube. Iqhube yathi: “Mina-ke nginenhlanhla ngoba lo mkhandlu ubizwa ngegama leSilo uCetshwayo. “Yebo ngiyiNdlulamithi kodwa futhi abantu abaningi bathi ngiyefana noCetshwayo. Kwazi bani-ke noma sekuvuke yena? “Umcimbi waseSandlwana uyefana nomkhuleko wesizwe. Laphaya siyobe siyothinta idlozi elikhulu elibheke isizwe.”