PHUMLANI GAMA
IKHALE ngokwanda kwezigameko zokuphazanyiswa kwezinhlelo zokufakwa kwamanzi emiphakathini eyakhele umasipala wayo, iMeya yaseMzinyathi, uMfu Petros Ngubane.
Ikusho lokhu izolo ngoLwesithathu ngesikhathi yethula uhlelo lokufakwa kwamanzi ezigodini ezahlukene zaseNquthu, okubalwa esaKwaVuyiza, iMazicentela neNtababomvu.
Ithe kunabantu abazibiza ngosomabhizinisi abangaphansi kwenhlangano Amadelangokubona, abaphazamisa amaphrojekthi amanzi, ikakhulukazi eNquthu.
Izwakalise ukuthi okukhathazayo wukuthi eNquthu kabekho abantu abangamalungu a
Lolu hlelo lwamanzi oluzodla u-R34 milli-on, luhlanganisa ukufakwa kwamapayipi, amathangi amabili nompompi abawu-135 abazimele, abaxhunywa emphakathini.
UNgubane uthe kuzoshaya uKhisimusi wonyaka ozayo umphakathi umphakathi walezi zigodi usuwaphuza la manzi afakwayo.
Uthe izihlalo zokufaka amanzi ziyaqhubeka eNkubungwini, oGunjani naseMthembu West – okuyizigodi zaseMsinga.
Uphethe ngokunxenxa umphakathi ukuba usebenzisane nosonkontileka, ungaphazamisi uhlelo lokufakwa kwamanzi.
phumlani@ilanganews.co.za
IMEYA yaseMzinyathi, uMfu Petros Ngubane (kwesokunxele) namalungu omphakathi waseNquthu.