Imeya iqinisa izakhamizi ngesimo seTheku

221

BHEKI NDLOVANA

IQINISA idolo umphakathi waseThekwini iMeya yeTheku, uMnu Mxolisi Kaunda, njengoba ithi leli dolobha okukhalwa ngokuthi libolile, lizovuka libe lihle.

Ekhuluma neLANGA, uKaunda, uthe abantu mabangalilahli ithemba ngesimo saleli dolobha. 

Uthe inkinga yokubola kayiqali ngeTheku – namadolobha amakhulu emhlabeni ake abhekana nayo, kodwa aphinde asimama. 

Uvume iphutha likamasipala ngokuthi abantu bachama yonke indawo nje, kwesinye isikhathi lokho kudalwa nawukuthi ziyashoda izindawo zokuzikhulula edolobheni. 

Wethembise ukuthi bazokwakha ezindawo zokuzikhulula ukuze abantu bakwazi ukukhululeka uma behamba edolobheni. 

“KoNew York (e-United States) kunje namhlanje, kwakuchanywa nakhona emgwaqweni, kwakudayiswa ezindaweni ezingakhelwe ukuthi kudayiselwe kuzo. 

“Uma ukhuluma ngoCopenhagen (eDenmark), bathi bona baze baswela imali njengedolobha. 

“Okuhle-ke esikubonayo wukuthi sengathi abamabhizinisi amakhulu sebeyafuna ukubuyela enkabeni yedolobha. 

“Kunebhizinisi engingeke ngilisho okwamanje – engizolisho uma sesilethula – elifuna ukutshala u-R800 million enkabeni
yedolobha,” kusho yena. 

Uthe bayazi ukuthi abantu sebelahlekelwe yithemba uma bebona isimo idolobha elikuso, babona sengathi sekuphelile ngalo “kanti cha, akunjalo”. 

Uveze ukuthi usuqalile umsebenzi wokulungisa iTheku, njengoba phakathi kwezinto abazenzayo njengamanje, wukulungisa izindawo okuhamba kuzo abantu nalezi okutshalwe kuzo izimbali neminye imihlobiso. 

Uthe bazolungisa nendaba yamabhilidi abolile, wathi abanikazi bamabhilidi abangafuni ukubambisana nomasipala, bazophoqeleka (bewumasipala) ukuwadla ngokwenkantolo noma bawalungise, bese
befuna ukubuyiselwa imali abayisebenzisile.

“Kumanje leli laseChina elasha, sizolidiliza ngoba lingase lenze isibhicongo, uma liwa. 

“Sizolibhidliza ngo-R28m. Sizoyifuna-ke imali kubanikazi balo, uma bengasiniki yona, sizohamba siyobheka impahla abanayo, sithathe imali yethu,” kusho uKaunda.

Uqhube wathi: “Sikhuluma nangezindawo ezinjengoThe Wheel (esiyaziwa ngeChina Mall) – sifuna iphele le nyakanyaka yokuthi eduze kwezindawo eziqavile njengolwandle, kube khona izinxanxathela
zezitolo ezingacacile. 

“Sizoya kubona, sibatshele ukuthi ngeke siyibekezelele le nto. Ngakho-ke sizothola abanye abatshalimali uma bengafuni
ukuthuthukisa isimo, benze le nto esiyifunayo.”

Previous articleLisaqhubeka nokugobhoza igazi losomatekisi
Next articleOqhibukhowe bamaqembu ezepolitiki kababasizi abampofu