Imeya “ivinjwe” ukungena epulazini

686

THANDEKA NGOBESE

BUHLONGOZA ukuvula icala ubuholi bukaMasipala wase-Ndwedwe emuva kokuba umnikazi wepulazi elingaphansi kwalo masipala elixoshise okwezingca-nga izolo ngeSonto ngesikhathi lihambisele izisebenzi zakhe izifonyo nezibulalimagciwane ukulekelela ukugwema ukuba zingatheleleki nge-coronavirus

Ngokuthola kweLANGA, iMeya yaseNdwedwe, uMnu Nkosinathi Chili, nethimba layo bakhishwe ngesankahlu kuleli pulazi lika-Mnu Antony Goble ethi akafune bantu abazosondela ezisebenzini zakhe. 

Ekhuluma neLANGA uMnu Chili, uthi bebehamba nemenenja kamasipala namakhansela esigungu esiphezulu (Executive Committee), bavinjwa ngonogada abantu basajabulela ukufika kwabo. 

“Sihambe sibancane ngoba besenzela ukuthi singephuli umthetho wokuhlanganisa abantu abaningi. Ukusixosha kwakhe ngaleya ndlela kusicacisela ukuthi kukhona akwenzayo okuphambene nomthetho. 

“Ubebona ukuthi kukhona abantu abazositshela khona. Kusimangalisile ukuthi ezweni elikhululekile kusekhona abaqashi aba-thathisa abantu njengempahla yabo. Lokhu akwenzile kusikhombisile ukuthi imizamo yethu yokulwa nalolu bhubhane uyishaya indiva. 

“Sihlela ukuthi sikhulume nobuholi obuphezulu besifundazwe, sivule necala emaphoyiseni ngoba le siyibona njengokudelelwa,” kusho uMnu Chili. 

UMnu Goble uthe ubavimbe laba ngoba bephula imigomo yokuvalwa kwezwe (lockdown) njengoba befike bebaningi kakhulu. 

Uthi ngesikhathi befika, bebekhona abahlengikazi abebehamba nabo, wabavumela bona ukuba bangene bahlole abantu.

Previous articlekudutshulwe isalukazi phambi kwezingane
Next articleunxesi uthi abaqashi kumele baqinisekise ukuphepha kwezisebenzi