IMeya yaseMhlathuze izwakalise indumalo ngenkulumo yesikhulu seBay FC

241

LUCKY CAIN

IZWAKALISE indumalo ngenkulumo kaSifiso “Jomo” Biyela oyisikhulu seRichards Bay FC iMeya yaseMhlathuze, uMnu Xolani Ngwezi, ogxeke umasipala njengenye yezimbangela zokungenzi kahle kwale kilabhu ngesizini esanda kugoqwa. IBay FC iphunyule ngomdlalo wokugcina wokuhlungela ukungena kwiDStv Premiership, ilobola iBaroka FC ngo-4-0 ngoLwesithathu eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Le kilabhu iqede ilele endaweni ka-15 kwi-log yeDStv Premiership, okwenze yadlala eyokuhlunga nePretoria University neBaroka abebelele endaweni yesibili neyesithathu kwiMotsepe Foundation Championship ngokwehlukana. IBay iyidlalela eMlazi imidlalo yasekhaya – okuyibanga elilinganiselwa ku-193km ukusuka eRichards Bay – ngenxa yokungabi sesimeni esifanele imidlalo yesigaba esiphezulu kweRichards Bay Sport Complex. Sekuphele amasizini amabili le kilabhu igijima kule nkundla yaseMlazi. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo neBaroka, uBiyela uthe iqembu lakhe lizithola lisesimeni sokuvika izembe nje kungenxa kaMasipala uMhlathuze ongakaphothuli ukulungisa iRichards Bay Sport Complex ukuze ikilabhu yakhe idlalele kuyona.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uNgwezi, uthe kuyishwa ukukhala kukaBiyela njengoba elazi iqiniso mayelana nenkundla. “Sikhuluma nje, inkundla iyalungiswa futhi sekusele kancane ukuba iphothulwe njengoba isiqalile ukusetshenziselwa eminye imicimbi,” kusho uNgwezi. 

Uthe nakuba engeke asho ukuthi izokulungela nini ukuba kudlalwe kuyona, kodwa uveze ukuthi nakhona lapho kusanezivumelwano uBiyela nekilabhu yakhe okumele bazenze nomasipala ngaphambi kokuba bayisebenzise. “Okokuqala nje, uma isiphothuliwe, kuzomele iPSL iyiphasise ukuthi isikulungele ukuthi kudlalwe imidlalo yayo kuyona. Siyakha ngokubonisana nayo iPSL ukuze ihambisane nemigomo yayo,”  kusho uNgwezi. 

Uqhube wathi bewumasipala, bangakuthokozela ukuthi ikilabhu yaseRichards Bay idlalele ekhaya, kodwa lokhu kumele kwenzeke ngokulandela imigudu efanele. 

“Kuyiphutha ukuthi asole umasipala ngendlela ikilabhu eyenza ngayo, kodwa-ke kangiyena ungoti kanobhutshuzwayo, ngingumlandeli nje, ngakho ngeke ngipha-wule ngokudlala kwayo,” kusho yena. Ukhuluma kanjena nje uNgwezi, uBiyela akagcinanga ngokukhala ngomasipala, ubuye wazinuka amakhwapha, wathi enye into ebashayile wukufuna ukusebenzisa abadlali abanegama, hhayi abangadumile, okuyibona abagcine belamulela le kilabhu. Kubadlali abayisize kakhulu iBay kubalwa uLwandile Mabuya (23), Yanela Mbuthuma (22), Somla Ntsundwana (27), Thulani Gumede (22), Sanele barns (27) noSbusiso Mthethwa (33).

Previous article22 June 2024
Next articleIyaphela inkontileka yesikhulu seNgonyama Trust “esingazwani” neSilo