Kuthiwa lipheke i-braaipack ngaphandle kwemvume
PHUMLANI GAMA
UGOBELA usolwa ngokubulala ithwasa lakhe kubangwa ukuthi lipheke i-braaipack kungavunyelwene, ngeledlule ngoLwesine. Umsolwa uMnu Bonga Ndlovu (43) uboshwe ngoLwesihlanu, wavela okokuqala eNkantolo, yeMantshi, yaKwaMbonambi ngoLwesibili. Umufi uMnu Njabulo Mthethwa (26) bekulindelwe ukuba akhishwe ngokusemthethweni ephehlweni ngenyanga ezayo. Kwenzeka lokhu nje, umnde ubusuyikhombile inkomo nembuzi yokwenza umsebenzi wokuphothula kwakhe. NgoMsombuluko ILANGA linikele emzini wakwaMthethwa, eThandaza, KwaMbonambi, lapho lifikisane namalungu omndeni wakwaNdlovu abezokhalisana nomndeni kamufi.
UNkk Promise Masuku, ongunina omncane kamufi, utshele leli phephandaba ukuthi bathole ukuthi indodana yabo ishayelwe ukupheka inyama ebifakwe kwenye yezindlu ezisesigodlweni sikagobela. Uthi okubashiya nemibuzo wukuthi kungani “eyibulele” indodana yabo ekubeni singekho nesikweleti esisele. “Ngokwemininingwane esinayo, sitshelwe ngabebekhona ukuthi indodana ishayelwe ukuthi ivule endlini, yathatha inyama yenkukhu yayipheka. “Kasazi ukuthi kungani emshayile ngoba vele uhlala epheka ukudla. “Lo mfana wagula, eguliswa yidlozi. Omunye wabafowabo waphakamisa ukuba ahanjiswe kuMnu Ndlovu, okunguyena owamelapha.
“Kuthe emasontweni adlule watshela ubaba wakhe umfana ukuthi kufanele kufakwe enye imali ngoba kunezinye izinto okufanele zenziwe kumfana ngoba unesithunywa nedlozi. “Nakhona lapho kasenqabanga ukumnika. Nyangazonke bekuhlale kuhanjiswa imali yokudla lapho< ethwasela khona,” esho. Uqhube wathi kabakholwa ukuthi indodana ishayelwe inyama kuphela. “Siwumndeni kasikholwa wukuthiushayelwe ukuthi upheke inyama kungavunyelwene, kungenzeka ukuthi ikhona into ayibonile okanye anolwazi ngayo okunokwenzeka ugobela ubesolaukuthi ithwasa lakhe lizophuma liyinekele izwe. “Okwamanje kakukho esingakusho ngaphandle kokuthi konke sikuyekele ezandleni zomthetho,” kusho uNkk Masuku.
Ilungu lomndeni kamsolwa, elicele ukuba kugodlwe imininingwane yalo, litshele leli phephandaba ukuthi bahlale phansi babonisana ukuthi kufanele bayohlanganisa amehlo nomndeni kamufi. “Siqhube inkomo nembuzi ngenhloso yokuzokhalisana nomndeni wakwaMthethwa ngoba siyizakhamizi lapha endaweni. “Kasimthumanga umsolwa ukuba enze le nto ayenzile. Siwumndeni siyaziqhelelanisa nesenzo sakhe. “Sibuye sathatha isinqumo sokuba kungabibikho ngisho noyedwa wethu ozolubhada enkantolo uma kuqulwa icala ngoba umsolwa uzobonasengathi sizwelana naye,” kusho lona. ILANGA lixhumane noDkt Bhedlindaba ‘VVO’ Mkhize oyisazi samasiko, osigxekile lesi sigameko. Uthe bekungafanele ugobela alibeke isandla ithwasa lakhe noma ngabe lisephutheni elinjani.
“Kufanele kubekwe phambili inhlonipho phakathi kukagobela nethwasa lakhe. “Inkulu inkinga ekubelaphi bendabuko. Esikhathini esiningi kunomqhudelwano phakathi kwabelaphi bendabuko bebodwa. “Kunomkhuba ongalungile wokuklolodelana phakathi kwabo ngokuthi usuke ungeyena umelaphi wendabuko oseqophelweni uma ungenawo amathwasa esigodlweni sakho. “Abanye bakufuna ngenkani ukuba namathwasa ngezizathu ezintathu ezaziwayo futhi: Esokuqala basuke bewafuna ukuba abe yizigqila zabo. Okwesibili bafuna amathwasa ngoba benzela ukuthola ukudla kwasemizini yabo. Babodwa abafuna ukuba namathwasa ngenhloso yokuwaphendula izisebenzi zemizi yabo. “Okunye okufanele izwe likwazi wukuthi ithwasa kalizifikeli lona esigodlweni, kodwa kuyaye kube yidlozi elingene kulona elikhomba ugobela okufanele alithwasise. “Lesi sigameko siyihlazo. “Ugobela bekufanele azame ukuzibamba, kungaze kuphume isidumbu emzini wakhe,” kusho uMkhize. Okhulumela amaphoyisa uConst Thenjiswa Ngcobo usiqinisekisile lesi sigameko nokuthi umsolwa uvelile enkantolo ngezinsolo zokubulala. Uthe umsolwa udedelwe ngebheyili kanti kulindeleke ukuba aphinde avele enkantolo maduze.