Imibuzo ngonogada bakangqongqoshe obanjwe inkunzi

294

Kuthiwa bavukelwe yizigebengu beshintsha ithayi lemoto

INTATHELI YELANGA

NGUNGQONGQOSHE wezokuThutha uNkk Sindisiwe Chikunga.

IPHENDUKE indab’
egudwini eyokubanjwa inkunzi kukaNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uNkk Sindisiwe Chikunga nabaqaphi bakhe.
Lesi sigameko esenzeke ngoMqombuluko ekuseni emgwa-qweni owuthelawayeka uN3
ngaseHeidelberg, eGauteng, sesiqubule imibuzo yokuthi ngabe bawulungele yini umsebenzi wokuqapha.
Ungoti wezokuphepha uMnu Mike Bolhuis, ekhuluma esiteshini sikamabonakude sezindaba iNewzroom Afrika, uthe imibuzo anayo ngalaba baqaphi wukuthi ngabe bayakwazi yini ukudubula, bayakwazi yini ukuvikela, nokuthi ngabe banakho yini ukuzimisela.
“Ngingasho ukuthi ukube
bekunabaqaphi bangempela laphaya, bekungeke kwenzeke lokhu,” kusho uBolhuis.
Kusolakala ukuthi izigebengu bezicuphile ngokuthile, okulimaze ithayi lemoto.
Kuthe ungqongqoshe nabaqaphi besamile, beshintsha ithayi, bavukelwa yilezi zigebengu
ebezihlomile.
Phakathi kwezimpahla
okubikwa ukuthi zithathwe yilezi zigebengu kubalwa nezibhamu zabo laba baqaphi ababili
abehamba nabo ungqongqoshe.
UBolhuis usole lab’ onogada ngobudedengu ngokuma kule ndawo okulimale kuyo ithayi.
Uthi bekufanele baqhubeke nokuhamba, baze bathole indawo ephephile.
Ngokusho kwakhe, lesi
sigameko besingagwemeka.
ILANGA lishicilele lapha izolo ngoLwesithathu amaphoyisa
esathungatha izigebengu.

Previous articleThola ILANGA kusasa (09 November 2023)
Next articleUMaMkhize uyangcebeleka