LUCKY CAIN
oseLadysmith.
KUNXUSWA imikhuleko ngesimo esingesihle sempilo yomsunguli weqembu lodumo emhlabeni, iLadysmith Black Mambazo, uSolwazi Joseph Shabalala (79), okubikwa ukuthi usesibhedlela.
ILANGA LangeSonto lithole ukuthi uShabalala usegunjini labagula kakhulu esibhedlela esithile esiseGoli, kanti uqale wangeniswa esibhedlela saseThekwini ngoZibandlela (December).
Leli phephandaba liphinde lahabula nokuthi kunezikhulu zikahulumeni nosopolitiki
asebeke bamvakashela esibhedlela eGoli uSolwazi Shabalala.
Imenenja yeMambazo kuleli, uMnu Xolani Majozi, ikuqinisekisile ukugula kwale nkakha emculweni kacothoza, kodwa yathi akusekho kubi kakhulu. Ithe odokotela benza konke okusemandleni ukuhlenga impilo kaShabalala.
“Sicela iNingizimu Afrika imkhulekele uShabalala, umama, nomndeni, iphinde ibanike ithuba lokubhekana nalesi simo,” kuphendula uMajozi ngamafuphi.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSolwazi Shabalala usathatha umhlalaphansi kuleli qembu, njengoba seliqhubeka nelidume ngakho ngaphandle kwakhe.
Njengamanje leli qembu kuthiwa limatasa nomzungezo walo eNew York, e-USA, kanti kulindeleke ukuba libuyele ekhaya ngomhla ka-24 kuNdasa (March).
Lona wunyaka omkhulu weMambazo njengoba igubha iminyaka ewu-60 yasungulwa. Ihlele ukwenza imicimbi ehlukene ehambisana nalo mgubho.
Emasontweni amabili adlule iMambazo ihlele umncintiswano wesicathamiya obuseCity Hall, eMgungundlovu, lapho kunqobe khona iNombika, okuyiqembu laseNdwedwe.
Lo mcimbi ubuhambisana nokuqala kwemicimbi yokugubha le minyaka leli qembu lasungulwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule uMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, uke wavakashela uSolwazi Shabalala emzini wakhe oseLadysmith.