Imile impilo yentsha ‘eyaqolwa’ ngomazisi

691

Le ntsha ithi umakhelwane wathatha omazisi ethi uyayisiza

SEKUQUBUKE ubutha komakhelwane ngenxa yokuvaleleka kwentsha emathubeni enqubekela phambili emuva kokuba owesifazane aqoqa omazisi bentsha ethi uyitholele umsebenzi.

SKHOSIPHI MTHEMBU
IBHEKENE nengwadla intsha engaphezu kuka-35 yaseNgonyameni, nga-seMlazi, eThekwini, engasakwazi ukuhlomula ngamathuba ezinhlelweni zikahulumeni ngoba kuvela ukuthi iyasebenza, okanye ikhokhelwa imali ye-UIF. Le nsambatheka kuthiwa yaqala emuva kokuba uNkk Thembi Nduli ongowakhona endaweni, eqoqe omazisi bale ntsha, wayi thembisa ukuthi uzoyitholela imisebenzi ngesikhathi kuqala ukuhlasela kweCoronavirus, edala iCovid-19.


Ithumba liqhumbuke ngesikha-thi seziyima emthumeni kule ntsha ngesikhathi iyobhalisela isibonelelo sabangasebenzi, esiwu-R350, kuvela ukuthi iyasebenza futhi ithola ne-UIF, ngalokho ke ngeke ikwazi kubhalisela le mali. ILANGA liziyele mathupha kule ndawo lakhuluma nenye intsha ethi ichithiwe ngesikhathi ifaka isicelo soxhaso lweNational Stu-dent Financial Aid Scheme (NSFAS) ngoba kuthiwa iyasebenza futhi ihola imali eshisiwe.


UNkk Nelisiwe Mbatha okwathathwa omazisi bezingane zakhe ezintathu nowomzukulu wakhe, uthi le nto isiqubule ubutha endaweni njengoba lona wesifazane engumakhelwane wabo futhi kade bephilisana, kungekho nkinga. “Lo mama waqala wangibuza ukuthi nginayo yini inkampani ebhalisiwe, ngamtshela ukuthi kanginayo. Wangitshela ukuthi kunomsebenzi awutholile, uzodinga omazisi bezingane zami ezingasebenzi, uzozifaka emsebenzini. Wakhuluma nazo izingane, wathatha izinombolo zomazisi bazo.


“Kwadlula isikhathi kwathi uma izingane seziyobhalisela imali yesibonelelo, kwavela ukuthi ziqashiwe. Saya emnyangweni wezisebenzi siyobheka ukuthi yenzeke kanjani le nto, sathola ukuthi ziqashwe yinkampani yakhe lo mama. “Omunye wabazukulu bami owenza izifundo zomthetho, uke wafaka isicelo kwaNSFAS kodwa wachithwa ngoba kuthiwa uyasebenza,” kusho yena.


UNkz Mbali Msomi (23) owanikeza lona wesifazane umazisi wakhe ngoba emthembisa umsebenzi, uthi kumanje akakwazi ukuyokwenza izifundo ngoba echithwe yiNSFAS. “Ngangidlula ngakwakhe wangimisa, wangichazela ngalo msebenzi athi unawo. Wangitshela ukuthi mangimthumelele inombolo kamazisi uzongifaka emsebenzini. Ngenxa yokuxakeka, ngakwenza lokho ngoba ngumama osekhulile futhi engimethembayo. Ngesikhathi umengameli ememezela indaba yemali yesibonelelo sabangasebenzi ngonyaka odlule, ngahamba ngayobhalisa. “Kwabuya impendulo ethi ngiyasebenza futhi ngithole nemali ye UIF. Ngahlala nganganaka. Ngaqala ukukhathazeka ngesikhathi ngichithwa ngithi ngibhalisela uxhaso lweNSFAS,” kusho yena.


UNkz Thakane Mabeya naye othi wagilwa nguNkk Nduli, uthi beyintsha boqoqene baya emzini wakhe kodwa wabakhulumela into abangayizwa. “Sifuna ayikhokhe le mali okuvela ukuthi sayithola aphinde asikhokhele no R350 bethu,” kusho yena. ILANGA liziyele mathupha emzini kaNkk Nduli ngenhloso yokuthola uhlangothi lwakhe. Lifike kukhona ingane yentombazane nowesifazane osekhulile, okuthe uma ebuzwa wathi akekho uNkk Nduli. Ugcine ezifikele mathupha emahhovisi aleli phepha ndaba izolo ngoLwesithathu. Ukhale ngokuthi naye ube yisisulu somuntu obehlose ukufeza izinhloso zakhe, esebenzisa inkampani yakhe.


“Ngathatha izinombolo zomazisi kulabo engaziyo ukuthi baswele ngempela futhi badinga umsebenzi. Lokhu ngakwenza ngoba kunehhovisi esihambisa kulona amaCK ethu ngoba besithembisa ukuthi bazosibhekela imisebenzi. “Ngathatha izingane zangakwami ngoba ngenzela ukuthi uma uvela umsebenzi, kube wukuthi vele zisebenza kule nkampani yami eyaziwa ngokuthi Isiphuku Trading.


“Kunomunye umama esasihambise naye amaCK ethu owaba nenkinga nezithupha, wathatha izisebenzi zakhe wazifaka enkampanini yami okwenza zaba wu-25 izisebenzi engazibhalisa. Lokhu ngakwenza ngomyalelo wesinye sezisebenzi zakuleli hhovisi esingashongo ukuthi kuzoba nemali eqhamuka kuhulumeni exhasa bonke abantu abanamaCK njengoba bekuyisikhathi seCovid-19. “Yaphuma leyo mali, ngathatha ingxenye yami kwathiwa eyezisebenzi engangizibhalisile izobuye iphume, okwagcina kungenzekanga. Ngaxakeka uma sekufika zonke lezi ngane zingitshela ukuthi kazisakwazi ukuthola uxhaso ku hulumeni ngoba kuthiwa ziyasebenza.


“Ngaya kula mahhovisi ngiyofuna lo mfana, kodwa ngathola ukuthi akasasebenzi khona, okwenza kube nzima ukuthi ngithole incazelo. Ngaya nasemaphoyiseni nga-bhala incwadi efungelwe, ngichaza ngokwenzekile. “Ngiyakuqonda ukuthi lokhu kubukeka kabi ohlangothini lwami, kodwa ngangingazi ukuthi lo mfana udlala ngami ngoba kumanje ngithole ukuthi usaqhubeka nokuthola imali ngegama lenkampani yami,” kusho uNkk Nduli. Okhulumela uMnyango weziSebenzi KwaZulu Natal, uMnu Nhlanhla Khumalo, uthe ngesikhathi kuqala uhlelo lokukhokhelwa kwezinkampani isinxephezelo emuva kokukhahlanyezwa yiCovid-19, baningi abantu abasebenzisa leli thuba, benza ubugebengu bevula izinkampani ezingekho, bethumela nomazisi babantu abanikazi babo bengazi. Uthe kunethimba elilandela bonke abebenza lobu bugebengu kanti abanye sebebanjiwe baboshwa.

Previous articleKusolwa umbango wesoseji kogwazwe wabulawa ‘yintombi’
Next articleIZINDUNA ZAMABUTHO ZIPHEFUMULA NGOMBANGO WENDLUNKULU