LUCKY CAIN
ISITESHI sikamabonakude iMoja Love siyazihlangula ohlelweni lokuvundulula izidakamizwa okuthiwa luqoshwa nguXolani Khumalo osanda kukhonjwa indlela kulesi siteshi, kulandela izinsolo ezishaqisayo zokuphambana nomthetho nesigameko sokushona kowesilisa ngesikhathi kuqoshwa lolu hlelo iSizok’thola. Sekuyindaba esegudwini ukuthi uKhumalo obengumethuli walolu hlelo wakhonjwa indlela kanti ubhekene namacala athinta nelokushona kowesilisa ngesikhathi kuqoshwa lolu hlelo.
Ngemuva kokuba iMoja Love ikhombe uKhumalo indlela, yamemezela ukuthi isiqashe uXolani Maphanga njengomethuli walolu hlelo. Muva nje kusabalale izindaba zokuthi kuhlelo olufana ncimishi neSizok’thola njengoba nalo luvundulula izidakamizwa kanti kakucaci ukuthi luzokhonjiswa kusiphi isiteshi sikamabonakude. IMoja Love iphumele obala iziqhelelanisa nalolu hlelo njengoba kuvela nezindaba zokuthi sekunezikhalazo ngalo nangendlela okuphulwa ngayo imigomo kulona uma kuqoshwa.
Okhulumela lesi siteshi uNonzwakazi Cekete uthe sebethole izikhalazo eziqhamuka kumanxusa amazwe iNigeria neDemocratic Republic of Congo ngendlela okuhlukunyezwa ngayo abantu kulolu hlelo oluqoshwa nguKhumalo. Uthe bafuna ukukubeka kucace ukuthi kabahlangene nalolu hlelo njengoba olwabo luqoshwa nguMaphanga futhi kulandelwa yonke imigomo elandela umthethosisekelo, baphinde basebenzisane nezinhlaka zomthetho. Uthe sebembhalele uKhumalo ukuthi ahoxe ukuqopha lolu hlelo njengoba luwumqondo weMoja Love futhi engenayo imvume yokwenza uhlelo lwalolu hlobo. Uqhube ngokuthi bazohlangana nala manxusa ala mazwe ukuzocaba indlela eya phambili.
ILANGA lixhumanile noKhumalo ocele ukuba athunyelelwe imibuzo ebhalwe phansi ngalolu daba. Ukuqinisekisile ukuyithola le mibuzo wabe esethembisa ukuyiphendula ngokushesha. Ngeshwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayiphenduli imibuzo abethunyelelwe yona.