Impelasonto enkulu ye-netball KwaZulu-Natal

346

MZWAMANDLA ZONDI

KUZA impelasonto enkulu ye-netball KwaZulu-Natal njengoba zizokube zibulalana ngoMgqibelo nangoSonto kwiGrand Finale yalo mdlalo eVictory Mxenge Hall, eMlazi.

Lo mqhudelwano uzokube uhlanganise imidlalo eminingi yokuhlunga kanti obhekwe ngabomvu, ngowokukhipha ingqwele yesifundazwe kwi-netball.

La maqembu azokube edlala lapha, aqale imidlalo yawo yeNetball Super League ekhula ngesikhulu isivinini. Kulindeleke izinga eliphezulu kulo mqhudelwano njengoba kuthiwa kuzokube kukhona izibukeli eziphuma eGauteng, eFree State nase-Eastern Cape. UMengameli weKwaZulu-Natal Netball, uGugu Ngema, (osesithombeni), uthi iGauteng nayo isiyiqalile imidlalo yeSuper League.

“Imidlalo ebhekwe ngabomvu ngeyeZiphozonke, i-Ocean Predators, iCheetahs neHam Sunbeams lapho kuzokube kubhekwe khona ukuthi ngubani umanqoba.

“Okusijabulisa kakhulu wukuthi sezikhona izifundazwe ezisike iphethini kwiSuper League yethu njengoba isiqalile eGauteng kanti izokube ikhona iFree State ne-Eastern Cape bezofunda ukuthi senzenjani.

Ngithanda ukubonga emnyangweni wezemdlalo wesifundazwe ongabaxhasi bethu. Uxhaso siludinga kakhulu,” kusho uGugu.

Uthi imidlalo yabo yanonyaka ihambe kahle kakhulu njengoba eyeSuper League ihlanganisa ne-club development. Uthi ngonyaka ozayo bazokube benekilabhu ephuma eMajuba neyaseHarry Gwala, azokube eyingxenye yeSuper League. Kulo mqhudelwano kuzokuba nemidlalo eminingi yokuhlunga njengoba kunezigaba kusuka ku-A kuze kufike kuD.

Uyacelwa umphakathi waKwaZulu-Natal, ikakhulukazi owaseMlazi ukuba uphumelele ngobuningi bawo kulo mqhudelwano njengoba kuzokube kungenwa mahhala.

Previous articleAbonge ukwesekwa yiqembu lawo amakhansela abexoshwe eMvoti
Next articleTHOLA ILANGA LEMPELASONTO (14 October 2023)