Imphethe kabi eyokutshalwa kukaShenge ngeSabatha

168

Ukhumbule nemizuzu yakhe yokugcina ekhuluma noMntwana waKwaPhindangene

JOHN HLONGWA

UKHATHAZEKILE uMntwana uPhumzile Buthelezi ongumntwana wokuqala ka-Ndunankulu kaZulu iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ngokuthi ibandla lamaNazaretha ngeke libe yingxenye yokutshalwa kukayise namhlanje ngoMgqibelo, njengoba uqondaniswe nosuku lweSabatha, okuwusuku leli bandla elingathinti lutho ngalo. Ekuqaleni ukutshalwa kuka-Shenge bekuhlelelwe uLwesihlanu, kodwa kuthe uma kuvela izindaba zokuthi uhulumeni usuhloniphe uMntwana waKwaPhindangene ngomngcwabo wombuso wesigaba sokuqala, lwashintsha usuku. Kulindeleke izinkumbi ezizowethamela kusukela kosopolitiki, osomabhizinisi, amabutho nabezenkolo. Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uMntwana Phumzile, uveze okukhulu ukunengeka ngale ndaba.


“Kubuhlungu ngoba ubaba uyatshalwa ngoMgqibelo, kodwa sasivumelene ngokuthi kube uLwesihlanu. Ngangikhalile ukuthi asikwazi ukuhlela ukutshalwa kukaNdunankulu wesizwe samaZulu, sishiye ngaphandle ibandla lamaNazaretha. “UMntwana uMagogo ozala ubaba, ngesikhathi ekhulelwe wathathwa wayobekwa kumsunguli webandla lwakwaShembe, u-Isaiah Shembe esondelela ukuxukuza kodokotela. Wathi uma esezobeletha, wabuya weza esibhedlela kwaCeza. Ubaba ubewakhonze kakhulu amaNazaretha, engakhethi hlangothi. Ngakho-ke ngibuhlungu uma wona engaseyona ingxenye yokutshalwa kwakhe ngoba ngiyawazi ukuthi akathinti lutho nge-Sabatha,” esho. UMntwana uphinde waveza ubuhlungu abhekene nabo ngokudlula kukayise emhlabeni njengoba ethi ubengumngani wakhe omkhulu.


“Okungehlele angazi nokuthi ngingakuchaza ngithini. Ubengumngani futhi eyikho konke kimi, akukholakali ukuthi akasekho emhlabeni. “Egcina ukungifonela esesibhedlela wathi, ‘mtanami ngibuhlungu ukuthi angisakuboni eduze kwami njengengane yami endala, ngikhalele ehlombe lakho.’ Waqhubeka wathi ‘uma ngingakhumula iyembe ungibone, sengiphele ngimathambo kanjani’,” kusho uMntwana. Ukhumbule uyise ngokuba nesandla esiphayo nokwesaba uNkulunkulu. “Ubaba ubemesaba uNkulunkulu, esifundisa ukuthi sithandaze njalo ngemuva kwesidlo sakusihlwa. Ngonyaka ophelile uke wasipha amaBhayibheli, umuntu ngamunye, wathi akafuni uma esefile, siwabange. Ayemakhulu uwabona ukuthi afanelwe ukuhlala endaweni egcina amagugu (mueseum).


“Bekuthi uma ethandaza, angakhohlwa ukubeka uMengameli weqembu leNkatha Freedom Party uVelenkosini Hlabisa noMengameli wezwe uCyril Ramaphosa,” esho. Uthi uyise wamthelela ngokungakwazi ukumbuluza, yikho kukhona abamgxekayo uyise. “Ukuthi abantu bebembukela kude ubaba futhi bembuka ngendlela yabo. Ubengayithathi into uma engayizwa kahle. Abantu bathi wangithelela ngalokhu ngoba nami angikwazi ukumbuluza. Nami angifuni ukumbuluzelwa, ngikholelwa ekutheni sibuyisane,” kusho uMntwana zigobhoza izinyembezi. Ukhala ngesibhaxu uyise abenaso. “Sikhule ngesibhaxu kodwa siyambonga ubaba, usakhile siyakwazi ukuzimela akukho esingathi asikwazi ukukwenza yize kuzoba nzima bengasekho abazali bobabili,” kubalisa uMntwana. Uthi uyise ubenothando olumangalisayo.


“Bengiye ngifise ukuthi uma ngingathola umyeni, ngithole umuntu onothando njengaye. Ubemthanda kakhulu umama, bekuthi uma kuyizinsuku zekhethelo ezinjengosuku lwabesifazane nolwezithandani, ubesithengela izipho sonke. “Besengithembile ngithi uyalulama kodwa kuvele kwathi gwaqa ngoMgqibelo. Bengisendleni ngithi ngiyombona kwavele kwafona ubhuti uNtuthukoyezwe ekuseni wathi awu selisilahlile. Noma kunjalo, siyabonga ngothando abantu abalunike ubaba. UMntwana uphinde wacacisa ukuthi uyise ukhothame ebalisa ngeSilo uMisuzulu, ethi siyamthuka. “Ubaba ukhothane ekhala ethi iSilo siyamthuka ekubeni esesilwele kangaka. Asazi ukuthi kuzokwenzekani, ngikhalela uZulu, ngikhalela wonke umuntu ompisholo. UMntwana ubethanda bonke
abantu ngisho abanye bangamchaza ngayiphi indlela

Previous articleUgwetshwe odilika ababili uthisha owabulala ingane
Next articleNgiyambonga uyise weNkos’ uJesu ngokuthi kangibanga nguthisha