Owe-ANC uthi izinguquko ziyazifanela nje nomdlalo
NONHLAKANIPHO SHINGA
KUPHENDUKE amatafula izolo ngoLwesithathu kugaxwa amaketanga imeya entsha eMtubatuba, ekhethwe ngethikithi le-IFP, emuva kokuba iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu yayinqume ukuthi ukukhethwa kobuholi balo masipala ngoZibandlela (December) kwanqoba i-ANC kwakungekho emthethweni. Kukhethwe uMnu Mxolisi Mthethwa (38) ethatha isikhundla ebesifudunyezwe nguMnu Mbongeleni Gina we-ANC. Esesekelameya sithathwe nguNkz Nothile Mthethwa we-EFF, esikasomlomo sanikwa uNkk Sbongile Shezi we-IFP. Izolo besekuwusuku lokugcina kwezazinqunywe yinkantolo ukuba lo masipala uqoke ubuholi obusha.
Ngokuthola kweLANGA, amakhansela e-ANC kawalubhadanga emhlanganweni wokukhetha ubuholi ngoba ethi ubungekho emthethweni, kwazise usomlomo uNkk Dipuo Ntuli, akawubizanga. Leli phephandaba lithole ukuthi umhlangano wayizolo uqale ngezingqinamba njengoba ekuseni izisebenzi zakwamasipala zifike amahhovisi evaliwe, kugaxwe iketango elikhiyiwe. Kuze kwaphoqeleka ukuba anqanyulwe la maketango. Imithombo yeLANGA engaphakathi kwamasipala, ilitshele ukuthi akekho noyedwa owe-ANC kodwa umhlangano waqhubeka ngenxa yokuthi amakhansela e-IFP nawamaqembu amancane abesihlanganisa isibalo esidingekayo.
Kusuka lesi sixakaxaka nje, yahlangana namanye amaqembu namakhansela azimele, yagcina inamawadi awu-19, i-ANC yaba nawu-16. Ngesikhathi kuvotelwa umkhandlu mhla ka-5 kuZibandlela (December), kuvela ukuthi kunekhansela le-IFP elathi liyochitha amanzi lavalelwa endlini encane ngabathile, langakwazi ukuvota. Kwavela nokuthi abe-IFP baduba umhlangano baphuma Umhlangano waqhubeka kwavotwa. I-IFP yalufaka enkantolo udaba, ithi kayanelisekile ngendlela okwakhethwa ngayo, icela kuhlale umhlangano womkhandlu yikhona izophakamisa ukungagculiseki kwayo bese kuvotwa kabusha. Inkantolo iphakamise ukuthi kufanele kuvotwe zingakapheli izinsuku ezine isinqumo sikhishiwe.
Ngokuthola kweLANGA, kawukwazanga ukuhlala lo mhlangano ngoba ngaleso sikhathi umasipalam wawuvalile ngenxa yokutholakala kwezisebenzi eziwu-16 zinokhuvethe futhi besekusondele nezinsuku zikaKhisimusi. Kube sekuvezwa ukuthi kusukela ngomhla ka-7 kwephezulu, akufanele kuphele izinsuku ezine umkhandlu ungahlalanga ukuze kuvotwe. UMnu Mthethwa uyikhahlelile eyemibiko ethi usomlomo akawubizanga umhlangano, wathi yena unomqhafazo ovela kuNkk Ntuli obumbizela emhlanganweni. “Abantu baseMtubatuba bakubeka kwacaca ukuthi bafuna ukuholwa yi-IFP, kasazike ukuthi kwenzekani kugcine sekuyi-ANC eyagcina isiphethe,” esho.
Ngaphambi kokuqokwa kobuholi bomkhandlu, amakhansela abeke ibamba lemenenja, uMnu Thami Xulu obeyi-chief operations officer (COO) kulo masipala njengoba obephethe lesi sikhundla, uDkt Siyabonga Ntuli ukhushulelwe kuMasipala wesiFunda, uMkhanyakude. USihlalo we-ANC eFar North, uMnu Thobelani Ncamphalala, uthe lokhu obekwenziwa kulo masipala izolo, kuyazifanela nomdlalo ngoba usomlomo akakaze awubize umhlangano.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za