IMpucuzeko ibuyise ithemba kokamaskandi ophila nokukhubazeka

653

MTHOBISI SITHOLE

KUBUYISE ukuzethemba ukuqhakanjiswa kwekhono labakhubazekile kwiMpucuzeko Maskandi Festival kumculi kamaskandi okulesi simo, uMongezi “Mayogadi” Jama (22) waseMzimkhulu. Uthi ukumenywa kwakhe kulo mcimbi – ozokuba mhla ka-17 kule nyanga ePeople’s Park, eMoses Mabhida, eThekwini – kuyithuba elihle lokuyomela kahle abaphila nokukhubazeka, abawenzayo lo mculo kodwa abangakaveleli. 

Uveza ukuthi ukucwaswa ngesimo sakhe, kwaphazamisa nezinhlelo zakhe zokuqeda isikole eminyakeni edlule, okwenza wagcina kwaGrade-7. Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi kwathi sekufanele ayofunda uGrade-8, uthishanhloko wathi kufanele ayofunda esikoleni sabakhubazeke njengaye.

Ukhule evele ezifela ngokuba ngusaziwayo

“Lokho ngakubona kuwukungicwasa ngoba abantu babengithanda futhi bengangibandlululi. Kwakungekho okungiphazamisayo esikoleni, kodwa lokhu kwenza ngazibona ngibandlululwa. Yilapho-ke nganquma khona ukuqhubeka nobizo lwami lomculo,” esho.

Uthi ezifisweni zakhe ubethanda ukuba ngusaziwayo. Utshele ILANGA Lempelaso-nto ukuthi imfundo yakhe ibizofezekisa iphupho lokuba ngumfundi wezindaba emsakazweni noma kumabonakude.

“Ngiyaluthanda kakhulu udumo. Into ezongibeka phambi kwamehlo abantu iba-lulekile kimina. Yingakho ngikujabulela ukuthi iMpucuzeko inginike ithuba elibalulekile lokujabulisa abantu ngomculo wami,” esho.

Igama likaMayogadi waliqanjwa ngoba ethanda oncamnce

Uthi igama likaMayogadi waliqanjwa esamncane ngoba wakhula ethanda izinto ezimnandi. Uveza ukuthi ngesikhathi esenquma ukungena emculweni, walulekwa ngabathile ukuba alisebenzise nakuba wayekhona umculi owayedumile ebizwa ngoMayogadi (ongasekho). “Kakusikhona ukuthi ngasebenzisa leli gama ngenxa yokufuna udumo lomuntu owayebizwa ngalo emculweni eminyakeni edlule. Kangiyiboni inkinga okulisebenzisa ngoba akekho umuntu onegama lakhe yedwa emhlabeni,” esho.

Uthi emculweni waqala ngo-2018 epatanisa ngokukhipha ingoma eyodwa unyaka nonyaka. Ngo-2021 wakhipha i-albhamu ethi: “Utshwala Bomfana” okuthe ngonyaka olandelayo wakhipha i-Extended Play (EP) okukhona kuyona ingoma ethi, “Osisi Basemzini” nethi “Up Lapho”.

Uthi akekho owesifazane athandana naye ngokusemthethweni

“Ngikhule ngithanda kakhulu ushuni kaSandile Mbongwa (ongasekho) weqembu oVezuthando, yize ngingaculi wona, ngizenzela okwami,” esho. Uthi ukukhubazeka kakumphazamisi emculweni nasempilweni futhi kakukho okubuhlungu emzimbeni. 

Ebuzwa ngempilo yakhe kwezothando, uthi okwamanje akekho owesifazane athandana naye ngokusemthethweni futhi akanabo abantwana. Uthi uzimisele ngokushadelwa. 

Utshele ILANGA Lempelasonto nokuthi ukukhonjiswa kwempilo yakhe kumabonakude kuMzansi Magic ohlelweni oluthi, “Short & Sweet” – kube neqhaza elikhulu kuye. “Lolu hlelo lungelekelele emculweni wami ngoba luveza yonke impilo yami,” esho. 

Uthi uselindele ukushutha isizini yesithathu yalo.

Itafula lezicukuthwane liwu-R20 000 kulo mcimbi

KwiMpucuzeko uzoshiyelana inkundla nabaculi okubalwa kubona uGatsheni, uStabhilithi, uMzukulu, uSomnandi, uKhuzani, uDumakahle, uMkhulekelwa, uJaivazimni-ke, uSkweletu, uMnikezwa, iMfezemnyama, uJumbo, Amangcukumane, uMntuyenziwa, Amageza Amahle, iNkosi Yamagcokama, iThwasa Lekhansela, uBahubhe, uLagxabha, uSminofu, uNjoko, uKhangelani, Amavikelambuso, uMdumazi, Izingane Zoma, uMenzi, Unlimited, uBuselaphi, uMlabalaba, uKhaza, uSkhenqe, uVumile Mngoma, uFalabo, uSaliwa, iNdoni, uSgwebosentambo, uCevu-zile, u-Ali Mgube, uMjabulisi, uQhosha, Amayellow Bone, uMbuzeni noJumbo.

Amathikithi abiza u-R150 eSpar naseTicketpro. Awezicukuthwane aqala ku-R750 kuya ku-R20 000 itafula. Lo mcimbi wesekwe wuMasipala weTheku, ILANGA naMathole Funerals.

Previous articleZimphazamisile emoyeni ezinye iziqephu zeKhumbul’ ekhaya umethuli walolu hlelo
Next articleOwaseFrance “uvimbe” indlela ka-Erasmus ebheke kwiCity