Imvunge ngoMiss South Africa

802

Kukhalwa ngokusala kwabebemele iKwaZulu-Natal

NONHLAKANIPHO SHINGA
KUKHONONDE abaningi KwaZulu-Natal kusala ngaphandle izintokazi ezine ebezimele lesi sifundazwe kwiTop 30 kaMiss South Africa. Abanye basole sekuthi abahleli balo mcimbi bakwenze ngamabomu lokhu. Kuzokhumbuleka ukuthi maphakathi nenyanga edlule, abahleli bakaMiss South Africa bakhiphe uhlu lwezintokazi eziwu-30 obekumele zivotelwe ukuze kuphume eziwu-12 ezizodlana imilala kuze kuyofika ekugcineni komncintiswano. IKwaZulu-Natal ibimelwe yizintokazi ezine kwi-top 30, okunguThandolwethu Radebe, u-Angie Khumalo, u-Anelisa Nxele noSibusisiwe Zwane. Abawu-12 bamenyezelwe ngo-Lwesine ebusuku, kwabangenile kube ngu-Ane´ Oosthuysen, u-Anke Rothmann, uBryoni Govender, uHomba Mazaleni, uJordan van der Vyver, uKeaoleboga Nkashe, uLebohang Raputsoe, uLevern “Donnatella” Jose´, uLungo Katete, uMelissa Nayimuli, uNande Mabala noNatasha Joubert. Umcimbi okuzoqokwa kuwona intokazi ezodla umhlanganiso uzoba seSunBet Arena eTime Square, ePretoria mhla ka-13 kuNcwaba (August).


Kulaba abawu-12, abawu-5 ngabaGauteng, ababili abaseWestern Cape, ababili baseNorthern Cape ababili base-Eastern Cape noyedwa waseNorth West. ULungo Katete nguye ohlabane ngamavoti amaningi emkhakheni obizwa ngePeople’s Vote, okhombisa ukuba nogazi kwabaningi. ULungo uneziqu zeMaster’s in Architecture azithole eWits University. Lezi zintokazi eziwu-12 zizophinde zibonakale ohlelweni olubizwa ngeCrown Chasers, lapho zizobe ziba-nga khona lesi sicoco. Emajajini abehlunga lezi zintokazi bekukhona uBokang Montjane Tshabalala obenguMiss South Africa ngo-2010, uNobukhosi Nkosi, umsiki-ngqephu uKhosi Nkosi nesikhulu esiphezulu seMiss South Africa Organisation, uStephanie Weil.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleAtholane nonina amadodana anyamalala eminyakeni ewu-27
Next articleKuzokhunjulwa owe-Afrosoul igubha ewu-20