Imvusela iminjunju “eyokujivazwa” kukaMshengu

934

Ufikelwa yizinyembezi uma ekhumbula isikhathi sokugula komyeni wakhe

KNOWLEDGE SIMELANE

YABHIBHA inhliziyo yomfelokazi wengqungqulu yesicathamiya engasekho, uSolwazi Joseph “Mshengu” Shabalala ngekuchaza njengokuhudulelwa phansi kwegama lomyeni wayo kungakapholi maseko efihliwe.
Ekhuluma neLANGA ngoLwesibili esemzini wakhe eMnambithi, uNkk Thokozile Shabalala, uKaMaduna, emuva kokunxuswa yiLANGA ukuba aphawule ngemibiko ethi kunombango nengxabano ngobuholi beqembu elasungulwa ngumyeni wakhe, iLadysmith Black Mabazo, uyichithile le mibiko.
UNkk Shabalala obebonakala ngisho ebusweni ukuthi ulimele emoyeni, uqale wanqaba ukukhuluma neLANGA ngoba ethi usazilile, kodwa wagcina evuma ngoba ethi kubalulekile ukuba aqondise inkulumo ejivaza igama lomyeni wakhe obethanda ukuthula futhi ehloniphekile.
Uthi imibiko ethi kunengxabano ngobuholi beMambazo, uyayiqabuka futhi imzwise ubuhlungu kwafana nokuthi kuhlikihlwe usawoti esilondeni esingakapholi.
“Kangikho esimeni sokukhuluma, ngiyagula enyameni nasemphefumulweni emuva kokufunda imibiko yamaphephandaba. Ubaba ubengumuntu wokuthula, simfihle ngesizotha nabantwana baqeda umsebenzi babuyela phesheya beyoqhubeka nomsebenzi.
“Kangiyazi le nkulumo ukuthi iqhamukaphi,” kusho uKaMaduna. Uqhubeke wathi: “Engingakusho manje wukuthi leli khaya linayo inhloko, okungumfowabo kababa ongumbhishobhi, u-Enoch Shabalala waKwaMashu, kasizenzeli izinto, uma kunemibuzo kuhle kuthintwe yena.
“Nalabo okuthiwa baphawulile (emibikweni yabezindaba ethinta umbango), kangazi ukuthi bebephawula ngaliphi igunya. Okunye engingakusho wukuthi kuleli khaya ubaba ushiye ewenzile umsebenzi, wazifundisa zonke izingane zakhe, zizimele.
“Abanye banamatekisi, abanye bangothisha (kukhona) nabaculi imbala. Ngiyacela kuhlonishwe igama likababa lingaphathwa ngeze,” kusho uNkk Shabalala.
Ebuzwa ukuthi kuyiqiniso kangakanani ukuthi umyeni wakhe wakhomba enye yamadodana akhe ukuba ihole iqembu ngoba yena esexinwa wukugula, uthe ngeke aphawule kabanzi ngalokho kodwa akwaziyo wukuthi akekho owaqokwa nguMshengu ngokusemthethweni, ngaphandle kokungathekisa, okuyinto ezoxoxwa ngesikhathi esifanele kuhlangene umndeni.
UNkk Shabalala ukhuluma kwehle izinyembezi uma ekhuluma ngosizi abhekane nalo ngesikhathi kugula umyeni wakhe ngo-2009 kwaze kwaba kuyamqinisa ngo-2013.
“Kasikho isibhedlela esingasihambanga kuleli sizama impilo yakhe. Sishade ngo-2002 kwaba kuncane ukujabula emuva kokuxinwa wukugula. Ngicela bangizwele nabezindaba, basiqonde isimo engiphila ngaphansi kwaso nabomndeni ,” kuphetha yena.

Previous articleUbunzima obubhekene neSundowns kwiCaf
Next articleUsola amaNazaretha ngokumdicilela phansi