BHEKI NDLOVANA
IYAQHUBEKA nokuduma kabi iNanda noMlazi, eThekwini, ngokuba phambili emacaleni obugebengu bokubala nawokudlwengula. Ezweni lonke, iNanda isahamba phambili ngamacala okudlwengula, kanti iphakathi kweziteshi ezihamba phambili ngamacala okubulala. Lokhu kuvele embikweni owethulwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Beki Cele, ngoLwesihlanu mayelana nezibalo zamacala abikwe ezinyangeni ezintathu -phakathi kukaNtulikazi (July) noMandulo (September) kulo nyaka. Kwawokudlwengula, kubikwa ukuthi iNa-nda ihamba phambili, ilandelwe yiThohoyandou, eLimpopo. Isiteshi saseMlazi silele endaweni yesithathu kuzwelonke ngamacala okudlwengula.
Amacala okudlwengula abikiwe eNanda awu-75, kanti ngonyaka odlule ezinyangeni ezifanayo, ayewu-78. Ezweni lonke, amacala okudlwengula abikiwe abewu-10 516 – kulezi zinyanga ezintathu – kanti nyakenye ngesikhathi esifanayo, ayewu-10 590. Emacaleni okubulala, isiteshi esihamba phambili kuzwelonke, yiDelft, eCape Town bese kulandela uMlazi, kube yiNanda endaweni yesithathu.
Isibhamu sihamba phambili ekufeni kwabantu
Kulo mbiko kaCele, kuvela ukuthi sehlile kancane isibalo samacala okubulala ezweni lonke uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo nyakenye. Awu-6 945, kanti nyakenye kwakubikwe awu-7 004. Isibalo samacala okuzama ukubulala kubikwa ukuthi senyuke ngo-756 safinyelela ku-6 911 – sisuka ku-6 155. Isibhamu yisona sikhali okubikwa ukuthi sisebenza kakhulu emacaleni okubulala, kulandele ummese.
Ubugebengu obuthinta abesifazane
Amacala abikiwe okubulawa kwabantu besifazane awu-881 – esuka ku-989 wanyakenye – ezweni lonke, awokuzama ukubulala awu-1 514, kuthi awokushaya ngenhloso yokulimaza, awu-14 401.
Amacala amayelana nokuhlukunyezwa kwezingane
Izibalo zikhomba ukuthi phakathi kukaNtulikazi noMandulo nonyaka, kubikwe amacala awu-293 okubulawa kwezingane. Lesi sibalo sikhombisa ukwehla ngamacala awu-22 uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo nyakenye esasiwu-315. Amacala okuzama ukubulawa kwezingane kubikwa ukuthi enyukile aba wu-361, ekubeni nyakenye ayewu-294.