Incazelo yoweBafana ngonozinti weChiefs

412

Abaqeqeshi bafuna bonke abadlali bame ngamanzonzwane

UGRANT Johnson ongumqeqeshi wonozinti beBafana Bafana uveza isizathu esibenze baqoka unozinti weKaizer Chiefs uBrendan Petersen (osesithombeni) yize ebengakadlali imidlalo etheni kule kilabhu.

SENZO SOKHELA
UMQEQESHI wonozinti beqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana, uGrant Johnson, ucacisa ngesizathu esenze bafaka igama likaBrandon Petersen ovimbela iKaizer Chiefs kwiBafana ekubeni esanemidlalo embalwa kwezakhe. Lo nozinti uqokelwe eqenjini labadlali abawu-29 beBafana umqeqeshi uHugo Broos azogadla ngabo emidlalweni emibili yesihle, okungoweGuinea mhla ka-25 kwephezulu eBelgium noweFrance eLille, eFrance, ngomhla ka-29.Abathandi bebhola bashaye amakhala ngokubizwa kukaPetersen ekubeni ubesehlale isikhathi eside engavimbi njengoba esekhuza ibuya.


Nokho uvimbe kahle iChiefs ihlula omkhaya bayo, i-Orlando Pirates ngo-2-1 koweligi ngoMgqibelo eOrlando Stadium, eSoweto. UJohnson uveza isizathu esenze babiza lo nozinti ozobanga ijezi noRonwen Williams ogila izimanga kwiSuperSport United, uBruce Bavuma osizwa ngendaba isikimu kwiChiefs noVeli Mothwa wamaZulu FC. “Uma ubheka konozinti abadlala ngaphakathi ekhaya, kababaningi, ngakhoke kufanele sibheke abavimbayo ngaleso sikhathi nokuthi bavimba kanjani. Udlala kahle (uPetersen) futhi sigculisekile ngendlela enza ngayo. Simbukile ngempelasonto, ube nomdlalo omuhle, ngakhoke seneme ngefomu yakhe yakamuva.


“Kuningi okuhle asekwenyusile njengokusabalalisa ibhola, usengcono kakhulu futhi unokuzethemba. Uqatha, futhi ubukhali. Sidinga onozinti abathathu eqenjini lesizwe abazozama ukulwela ijezi ngoba uma kuzoba nomuntu owazi ukuthi ngelakhe, kuzoba nenkinga. “UWilliams udinga ukufakelwa ingcindezi, kufanele sitshengise ukuthi bakhona onozinti abazimisele ngokumgudluza,” kusho uJohnson. Iqembu leBafana Bafana elizodlala imidlalo emibili yesihle limi kanje, onozinti: Ronwen Williams (SuperSport United), Brandon Petersen, Bruce Bvuma (Chiefs) noVeli Mothwa (AmaZulu).


Abasemuva: Nyiko Mobbie (Sekhukhune United), Terrence Mashego (CT City), Nkosinathi Sibisi (Arrows), Veluyeke Zulu (Chippa), Rushine De Reuck, Lyle Lakay, Khuliso Mudau, Rivaldo Coetzee (Sundowns), Bandile Shandu (Pirates), Athenkosi Mcaba (Stellenbosch) noSiyanda Xulu (akanakilabhu).Abasesiswini: Sbonelo Cele, Pule Mmodi (Arrows), Ethan Brooks (TS Galaxy), Keagan Dolly (Chiefs), Teboho Mokoena (Sundowns), Goodman Mosele (Pirates) noThabang Monare (Pirates).Abagadli: Evidence Makgopa (Baroka), Victor Letsoalo (Royal AM), Mduduzi Mdantsane (CT City), Fagrie Lakay (Pyramids), Percy Tau (Al Ahly), Lyle Foster (Westerlo) noBongokuhle Hlongwane (Minnesota United).

Previous articleUTHANDISWA USALAMBELE ININGIZIMU AFRIKA YESETHEMBISO
Next articleUkhuthaza iqiniso kubazali ona-102