THANDI ZONDI
USHAYA indesheni kubazali uMnyango wezeMpilo waKwaZulu-Natal uthi kumele babambe iqhaza elifanele ekukhuliseni abantwana babo. Lokhu kulandela izibalo zakamuva ezivele njengoba bekungamaholidi kaZibandlela (December) zokuthi lesi sifundazwe sinesibalo esiphezulu sokukhulelwa kwamantombazane.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnu Ntokozo Maphisa, uthi okubakhathaza kakhulu wukukhulelwa kwezingane ezineminyaka engaphansi kuka-16 ubudala.
“Lolu daba kakumele lubekwe njengenkinga yomnyango wezempilo kuphela kepha luyinkinga yomphakathi wonke. Uma kukhulelwa ingane esencane kumele sizibuze ukuthi yikuphi lapho singenzi kahle khona. Abanye abazali bakubuka kuyihlazo ukuhlela inzalo ezinganeni kepha kuyihlazo nakakhulu ukukhulelwa kwengane esencane,” esho.
Uthi kuyichilo ukuthi uma kukhulelwe ingane esencane bese kuhlangana abazali eceleni kukhulunywe ngenhlawulo.
“Kasinankinga nesintu, kepha kumele sikukhumbule ukuthi ukukhuleliswa kwengane engaphansi kuka-16 ngumuntu omdala kunayo yicala elibomvu. Masingakumbambathi lokho ngoba sekuqhamuka imali. Uma senze njalo sithini ngale ngane esuke seyikhulelisiwe, ishiyekaphi yona?”
Uthi banohlelo abasebenzisana neminye iminyango kahulumeni ukuze kubanjwe abakhulelisa izingane ezisencane.
“Ngebhadi uma sibuza ngokhulelisile, ingane iba namahloni okuphumela obala – igcine ingasazisebenzisi nezinsiza zethu zezempilo,” esho.
Uthi bewumnyango sebenamakhosombe kweminye imitholampilo esetshenziselwa intsha kuphela, ngokubhekelela ukuthi iningi likhala ngokungaphathwa ngendlela efanele.
“Sinezisebenzi zezempilo ezikwazi ukusebenzisana nentsha kodwa okwamanje kakukabi wuhlelo lwayo yonke imitholampilo. Lokhu sikwenza ngenhloso yokushayelela isipikili sokuthi kakusilona ihlazo ukusebenzisa okokuzivikela,” esho.
Phakathi kwezinhlelo abanazo ubale amaphilisi okuhlela inzalo aphuzwa nsuku zonke, i-Implanon ehlala egazini iminyaka emithathu, ne-Intra-Uterine Device (Loop) ehlala iminyaka ewu-5. Ezimeni eziphuthumayo zocansi olungaphephile kukhona okokuvikela okumele kusetshenziswe emahoreni awu-72.