Kuthiwa belisohlwini lwalawo abecele ukuqashelwa onogada
LIBULAWE lisanda kwembesa ingoduso yalo, lilungiselela ukuthi ziwushaye ngoZibandlela (December) wanonyaka ikhansela laku ward 103 eHammarsdale, eThekwini elilalelwe unyendle, lathelwa ngoyaba lwezinhlamvu ngoMgqibelo ebusuku, lisegcekeni kubo. UMnu Minenhle Mkhize (39), (osesithombeni) udutshulwe wabulawa ngabasolwa abangaziwa.m ILANGA lithole ukuthi uMnu Mkhize ubulawa nje, ubesanda kungena kubo esepake imoto egcekeni esethi uyovala isango. ILANGA likhulume noninalume kamufi, uMnu Phelelani Mthimkhulu, oveze ukuthi umshana wakhe ubenabo onogada abebehlale bemqaphile kodwa ngosuku lwesigameko bebengekho.
“Sithole ukuthi ufike wapaka imoto yakhe waphuma eseyovala isango. Ubefika, ephuma ukuyobheka ingoduso yakhe KwaNyuswa. Ubengumuntu obekhonze kakhulu ezemidlalo, ejwayele ukuhlela imidlalo yentsha emphakathini,” kusho uMnu Mthimkhulu. Ukhale ngokuthi balimele ngokushona kukaMnu Mkhize. “Ubenguzinyobulala kanina, ubesemakhele umuzi, ethi uma eqede ngawo sekuzolandela umshado,” kusho uMnu Mthimkhulu. ILANGA likhulume noSomlomo weTheku, uMnu Thabani Nyawose, othe kwenzeka lokhu nje, bekusanda kukhishwa uhlu lwamagama amakhansela awu-8 abecele ukuba akhishelwe onogada abazowagada ngenxa yokwesaba ukwenzakaliswa. Uthi igama likaMnu Mkhize belikhona kulawa awu-8. “Kusethusile nathi lokhu okwehlele uMnu Mkhize.
Ubeyikhansela ebeliselisha,emsebenzini wakhe futhi bekuyihlandla lakhe lokuqala leli. Ubeyikhansela elingangenanga ngezinxushunxushu, obekukhomba ukuthi ukhethwe kahle. “Ubenogqozi olukhulu ngokwenza umsebenzi womphakathi, ubebukeka ekhuthele futhi ewukhuthalele umsebenzi womphakathi. “Siyafisa ukuthi amaphoyisa ababambe ababulali, baboshwe ngento abayenzile ngoba indlela abulawe ngayo, kuyabonakala ukuthi ababulali bebekuhlelile lokhu,” kusho uMnu Nyawose. Okhulumela i ANC KwaZulu- Natal, uMnu Nhlakanipho Ntombela, uthe bashaqeke kakhulu ngendlela abulawe ngayo uMnu Mkhize. “Siyile emndenini nabanye ozakwethu siyobhonga emswanini.
“Siphatheke kabi kakhulu ngendlela abulawe ngayo. Sifike sathola ukuthi ubewukhuthalele umphakathi, sezwa nokuthi bekungumuntu obekhonze kakhulu ibhola. “Sizimisele ngokusebenzisana namaphoyisa ukuze kubanjwe ababulali. “Ngokwazi kwethu, kawukho umbango obukhona ngesikhundla sakhe nangomsebenzi wakhe, yingakho sisadidekile ngokubulawa kwakhe,” kusho uMnu Ntombela. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa avule icala lokubulala. Bekungakaboshwa muntu.
nomfundo@ilanganews.co.za