Indlamlenze iyaqhubeka nokumela elakuleli e-England

379

MTHOBISI SITHOLE
UZIMISELE ngokuphakamisa isiko laKwaZulu kuyona yonke imicimbi azoyinandisa e-United Kingdom umculi kamasikandi, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose, oqale ukuvela kubantu kuleliya lizwe ngoMgqibelo ebusuku kwi-Afrep Heritage Festival, eWhittlebury Park, South Northamptonshire, e-England. UKhuzani, ohambe eNingizimu Afrika ngoLwesithathu ebusuku ngesonto eledlule, utshele ILANGA ukuthi ukumenywa kuleliya lizwe kuyithuba eliyingqayizivele kuyena lokuthi akhangise ngesiko laKwaZulu. Izolo ngeSonto ebusuku, ubezonandisa eBurges Coventry Cross.


Emcimbini anandise kuwona ngoMgqibelo ebusuku, kujabule abantu ezethula ngokuthi umele iNingizimu Afrika nobukhosi bakhe bukamaskandi. “Ngijabule kakhulu ukufika lapha e-UK, ngimele iNingizimu Afrika, ngiyinkosi yomaskandi,” kusho uKhuzani emcimbini. Uthe ujabule kakhulu ngokuthokozelwa kwakhe kulo mcimbi. Uveze nokuthi uphoqelekile nokudlulisa umyalezo, achaze ngezwe lakhe esebenzisa ulimi lwasemzini ngenhloso yokuthi umyalezo ufinyelele kubona bonke abantu. “Umculo wethu ususabalele kakhulu ngoba nakuleli lizwe engikulona, bayawazi, bangithokozele kakhulu.


“Sekulele kimina nabanye abafowethu abawelela kwamanye amazwe ukuthi siwukhangise ngendlela eyohlomulisa nesizukulwane esiza ngemuva kwethu,” kusho uKhuzani. Umgqugquzeli wale micimbi, uMnu Bongani Mabaso, wenkampani iG7 Courier Services and Logistics, uthi ukumenywa kukaKhuzani kungenxa yokulandelwa kakhulu kwakhe ezinkundleni zokuxhumana njengoba enabalandeli abalingaliselwa ku-1 million. Utshele ILANGA ukuthi kunabantu abaningi abanentshisekelo yokubona uKhuzani e-UK. Ukhuzani ushiyelane inkundla nabaculi base-UK kanti kulindeleke ukuba abuye eNingizimu Afrika ekupheleni kwaleli sonto. mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleUShenge uzihleke usulu izimbangi zeSilo uMisuzulu
Next articleKusenzima emindenini eshonelwe