INDLUNKULU NAWENDUDUZO NGOMBHISHOBHI UTUTU

444

KUTHINTE inhliziyo yeNdlunkulu kaZulu ukudlula emhlabeni kuka-Archbishop Emeritus Desmond Mpilo Tutu ngeSonto njengoba wayeyinhloko yebandla okukhonza kulona amalungu akomkhulu. Ngokwesitatimende esikhishwe nguNdunankulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ngokuthunywa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini kaBhekuzulu, iSilo si-zwakalise ubuhlungu ngokudlula kwalolu galagala lwezenkolo.

“Sizwe ubuhlungu obuyisimanga ngezindaba zokudlula kwakhe emhlabeni, uZulu ukhala nabazili kulo mzuzu onzima. “Ukugeleza kwamazwi enduduzo nezinkumbulo, abanye bebonga njengoba sonke sikhumbula amagalelo ‘othobekileyo’ (u-Archbishop Tutu) kusithoba izinhliziyo,” kusho iNkosi yakwaButhelezi esitatimendeni. Ithi ngaphandle kokuklonyeliswa ngezindondo ezingeni lomhlaba nokutuswa kuka-Archbishop Tutu wumphakathi jikelele, uzokhunjulwa yiningi ngezinto ezi-ncane nje ezinhle, nemihlangano eyayingadonsi undendende.


“Sibonga uNkulunkulu ngokuseboleka umuntu ofana naye (u-Archbishop Tutu), onokholo olubabazekayo futhi owayengagwe-gwesi esikhathini lapho izwe lethu lidinga abaholi abanomgogodla. “Simbonge futhi uNkulunkulu ngokuboleka ‘othobekileyo’ iminyaka eminingi kangaka edla anhlamvana. ISilo sidlulisa ubuhlungu baso nokuzwelana nomndeni wakwaTutu nobuholi bamaSheshi.


“Ubudlelwano beNdlunkulu kaZulu nebandla lamaSheshi busuka kude kakhulu, ngesikhathi iSilo uDinuzulu samukela ukholo njengelungu lamaSheshi ngo-1888, sisekudingisweni esiqhingini iSt Helena. “Kusukela ngaleso sikhathi, indlunkulu ikhonza ebandleni lamaSheshi,” kusho isitatimende. Siqhuba sithi kungakho ukudlula emhlabeni kuka-Archbishop Tutu kushaye kwezwela

Previous articleIbhekwe ngavomvu eyokuvula ye-Afcon
Next articleBafuna kuhlehliswe esewashi