NONHLAKANIPHO SHINGA
IMINJUNJU emndenini wakwaCele, eMakhosini, oNdini, kubulawa indodana yawo ebiyiphoyisa ngendlela okwabulawa ngayo uyise ngo-1997, naye owayeyiphoyisa.
Umndeni kaConstable Sphesihle Cele (26) (osesithombeni), uthi kubuyise iminjunju ka-1997 ukuthola imibiko yokuthi akasekho emhlabeni.
UCele udutshulwe washona ngoLwesine ebusuku, kade ehamba nozakwabo beyobopha izigebengu obekuthiwa ziphethe izibhamu endaweni yokucima ukoma, eMacekane.
“Kuthiwa kungene ucingo emaphoyiseni ebusuku, kubikwa ngowesilisa obephethe isibhamu endaweni yokucima ukoma. Kuthe uma efika lapho, kwatholakala ukuthi isigebengu leso sesidlulele kwenye indawo.
“Kuthiwa udlulele kuleyo ndawo, okuthe uma engena nje, umsolwa wavulela ngenhlamvu, kwadubuleka uSphesihle washonela khona lapho,” kusho uNkz Nqobile Cele onguyisekazi kaConst Cele.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa eyobabikela ngokwenzekile, kubuye izinhlungu zokubulawa kukayise kaConst Cele, owadutshulwa yizigilamkhuba eyobopha.
“Ubengumntwana owuthanda kakhulu umsebenzi wakhe ngoba kusukela esemncane nje, wayesho ukuthi ufuna ukuba yiphoyisa,” kusho uNkz Cele.
Uthe umufi akaqalanga ngokuya ekolishi lamaphoyisa eyofundela lo msebenzi, uqale e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), wenza
iziqu zeBachelor of Arts neHonours in Forensics.
Uveze ukuthi emuva kwalokho uye ekolishi eyofundela ukuba yiphoyisa, waqala ukusebenza esiteshini samaphoyisa eMpangeni ngoZibandlela (December) nyakenye.
“Silahlekelwe kakhulu siwumndeni ngoba ubeyingane ebonakalayo ukuthi izimisele ngokuba nekusasa eliqhakazile. Bekuthi uma exoxa, athi isifiso sakhe wukugcina eyisikhulu (emaphoyiseni), okuyikho okumenze wafunda kangaka ngaphambi kokuyoqeqeshwa emaphoyiseni,” kusho uNkz Cele.
Ngokuthola kweLANGA, umsolwa obulele uConst Cele, naye usale enkundleni njengoba kuthe uma evulela ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni, aphindisela nawo.
Umsolwa kuthiwa udutshulwe amahlandla awu-5 kanti komunye okusolwa ukuthi ubehamba naye, kusambulwa kwembeswa kuyena esibhedlela.
Umsolwa kuthiwa utholakale nesibhamu i-9mm nezinhlamvu eziwu-18. Iphoyisa elingagunyaziwe ukuphawula kwabezindaba lisiqinisekisile lesi sigameko, lathi kufike abakwa-Ipid endaweni yesigameko.
Kulindeleke ukuba udaba lusingathwe wuphiko oluphenya ngamacala anzima.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za