Indodana kaShenge yazise iSilo ngezifiso zikayise

317

BHEKI NDLOVANA

NJENGOBA kubhekwe ukuba iNgonyama yamaZulu uMisuzulu kaZwelithini iqoke ozongena kwesikandunankulu wayo nesizwe samaZulu, ingwevu yasendlunkulu, uMntwana waKwaFihlinqindi, uPhilemon Zulu (osesithombeni), ithi abakwaButhelezi yibona
amaphatha-bukhosi kaZulu, okumele babheke isihlalo sobukhosi. 

Usho kanje ephawula ngalesi sikhundla sikandunankulu weSilo noZulu, obekuhleli kusona uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi. 

Ekhuluma KwaPhindangene ngenkathi iSilo siyobhonga emswanini, uMntwana uPhilemon uthe ukuzaleka kukaShenge kwakuyiqhinga elenzelwa ukuba kuzalwe undunankulu owayezoba negazi lasebukhosini baKwaZulu, ukuze angeke ahlubuke uma sezimnetha.  

Uthe kwasetshenziswa isu lokuba iNkosi uMathole kaMkhandumba kaMnyamana,  iganiselwe uMntwana uMagogo kaDinizulu ukuze kuzalwe uMntwana waKwaPhindangene. 

Uthe isihlalo sobukhosi bukaZulu kumele sibhekwe ngumuntu onomlando ngoba uma kungenjalo, uzodayisa ngobukhosi.

 “Akusona esengcebo lesi
sihlalo,” esho. 

UMntwana uZuzifa Buthelezi, oyindodana yoMntwana waKwaPhindangene, uthe uyise wathi kuyena usekubonile abeyikho (yena uShenge) nalokhu abezama ukukwenza
endlunkulu. 

“Hlanga lomhlabathi, (ubaba) wathi ufisa ukuba ngiqhubeke ngiyibheke indlunkulu, ukuyibuka kwami ngazi ukuthi kusekhaya konina lapha futhi akubabikho ukwehlukana phakathi kwendlunkulu nabakwaButhelezi,” kusho uMntwana uZuzifa. 

UMntwana wasoNkweni, u-Africa Zulu, okhulumela iSilo, uthe okwamanje makunikwe umndeni kaShenge isikhathi sokuzila, ukuqokwa kukandunankulu wesizwe omusha akufanele kuxhanyazelelwe. 

Utshele ILANGA ukuthi kulesi sikhundla kudingeka umuntu onesipiliyoni, futhi kubhekwe nezinga lakhe lemfundo ngoba kumele kube ngokwaziyo ukuxhumana nabantu emazingeni ehlukene. 

bhekin@ilanganews.co.za

Previous articleKuthanjiswe imigomo yokuzila kudlula undlunkulu
Next articleUphenduke “isilomo” enkantolo obhekene nelokubulawa kwephoyisa