Indodana kasomatekisi ecaleni lokubulala i-stepmother

434

NONHLAKANIPHO SHINGA 

KUSHAQEKE abaningi kuboshwa indodana yobengusihlalo wamatekisi kusoseshini waKwaNdengezi ngezinsolo zokudubula ibulale isinganina (stepmother) emasontweni amabili edlule ephuma emzini wakhe KwaNjobokazi, eMpumalanga, eHammarsdale. 

UMnu Siphamandla Shange (20), usolwa ngokuthenga izinkabi ukuba zidubule, zibulale uNkk Wendy Shange (38) – obeshade noyise, uNkosingaye Shange, obengomunye wosomatekisi abasatshwayo KwaZulu-Natal. 

UNkk Shange ulandele umyeni wakhe, obekusaphele inyanga wadutshulwa, wagcina eshonile emuva kwamasontshwana. 

ILANGA Lempelasonto lithole ngemithombo yalo ukuthi ukubulawa kukaNkk Shange kakuhlangene nombango wamafa, kusolwa ukuthi indodana ibiziphindiselela njengoba wake wasolwa ngokufa kukanina kaSiphamandla owayeyindlunkulu kaShange. 

Umthombo weLANGA Lempelasonto uthi emuva kokufa kukayise, uSiphamandla ubone sekuyisikhathi esihle sokuthi aziphindiselele. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa oneminyaka ewu-20 oyisihlobo nomufi, uthe ubekwe icala lokubulala isinganina.

Previous articleBangase bathelwe ngamachaphazelo abasebenzisa Ithala
Next articleUKhanye uluma uyaphephetha kuKhune mayelana notshwala