Indodana yeBhova yeluleke abafundi ngomculo nemfundo

844

MTHOBISI SITHOLE

WELULEKE abafundi ngokubaluleka kokuqeda isikole noma ngabe umuntu enesifiso sokuba ngumculi, umculi kamaskandi, uLusanda “Ibhova Elincane” Khumalo (osesithombeni) oyindodana kaKwakhe “Mgqumeni” Khumalo, iBhova likaDikadika. 

ULusanda ubeyisimenywa emcimbini wokugubha uSuku lwamaGugu (Heritage Day) eBashokuhle Primary, kwa-BB, eMlazi, ngoLwesine. 

 Utshele abafundi ukuthi kubalulekile ukuba uthi unalo  ikhono ofisa ukuphila ngalo, kodwa ube unemfundo ngoba iyasiza.

“Ngingubhuti wenu nonke lapha esikoleni, kufanele nibukele kimina kulokhu okuhle engikwenzile. Fundani ngoba isikole sibalulekile. 

“Nakuba siwathanda amasiko, futhi siwagqamisa nangomculo wethu, kodwa kufanele umculo uhambisane nesikole ngoba ezindaweni eziningi iminyango ivuleka kalula uma ufundile,” kusho uLusanda. 

Enandisa, udlale izingoma zakhe ezintsha wazithaka neyodwa kayise  ethi, “Izingo-nyama”.

Abafundi baqale ngemigidi, amahubo nezinkondlo eziqhakambisa isintu. 

Uthishanhloko wakulesi sikole, uNkk Bongi Ndlela, uthe ukugujwa kwalolu suku kuhlale kusezinhlelweni zesikole ngenhloso yokulwa nokufadalala kwamasiko. 

www.ilanganews.co.za

Previous articleI-IFP ibonga ukwesekwa ngokukhothama kukaShenge
Next articleIngoduso “yempunyela” ichitha eyokudubulana komyeni wayo namaphoyisa