Ingase ijike umqondo iPirates ngolwabadlali

549

Nokho kuthiwa uNdah akasathandi ukuqhubeka nokudlala kweZimnyama

SENZO SOKHELA

INGASE ijike umqondo ngabadlali ebihlela ukubachitha i-Orlando Pirates njengoba izokuba nenqwaba yemidlalo ngesizini ezayo. IPirates ifeze isifiso sayo iqeda ilele endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership. Lokhu kuchaza ukuthi ngesizini ezayo izobe idlala kwiCaf Champions League. Leli phephandaba lithole ukuthi iPirates ibihlela ukudedela u-Evidence Makgopa ongumgadli no-Olisa Ndah odlala emuva. Kuthiwa iBucs ibifuna ukubolekisa uMakgopa kwiChippa United. UNdah kuthiwa ufunwa ngamakilabhu ase-Europe, ibizomudayisa kuwona. Leli phephandaba lithole ukuthi iBucs icabanga kaningi ngokudedela laba badlali. Umthombo waleli phephandaba uthe: “IPirates kungenzeka ijike umqondo ngalaba badlali njengoba isiyodlala iChampions League.

Idinga isikwati esiningi njengoba nemidlalo izokwanda. “UMakgopa ibimchitha kodwa ibona ingasidinga isipiliyoni sakhe njengoba eke wadlala kwiBafana. “UNdah naye iyamdinga njengoba enesipiliyoni neNigeria. Inkinga-ke wukuthi uNdah akasathandi ukuba kwiPirates njengoba engadlaliswa ufuna ukuhamba. Kodwa-ke uma ibathola laba badlali ebafunayo, kungenzeka ibadedele laba badlali. “Kuthiwa ifuna uRanga Chivaviro weMarumo Gallants. “Nokho uChivaviro yena akayingeni eyokuya kwi-Bucs ufuna ukuya kwi-Kaizer Chiefs.” Imizamoyokuthola usihlalo wePirates, u-Irvin “Iron Duke” Khoza iphunzile njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.

Previous articleKukhuzwa ukuthwalwa kwezingane
Next articleUDALULA ISIZATHU SOKUSHESHE APHUME KUNIKIWE