Ingase ishiywe ngumqeqeshi iBucs

506

Ziyaqina ezithi uNcikazi angase avumbuke kwiBay FC

MFANAFUTHI NDLOVU
noLINDA XIMBA
AYAQINA amahlebezi athi uMandla “Mhloli” Ncikazi oyiphini lomqeqeshi we-Orlando Pirates ngoMsombuluko angase ethulwe njengenhloko yabalolongi beRichards Bay FC. ILANGA lihabule ngomthombo walo oncikene kakhulu neNatal Rich Boyz ukuthi abaphathi bayo bamfuna phansi phezulu lo mqeqeshi owazakhela igama ehola iLamontville Golden Arrows iqeda kwi-top 4 okokuqala ngqa emlandweni wayo ngesizini ka-2020/21. Kuleya sizini, Abafana Bes’thende babehlukaniswe ngamaphuzu amathathu njenge-Orlando Pirates eyasonga endaweni yesithathu, okwenza yadlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini elandelayo ka-2021/22. Emidlalweni yeConfederation Cup lapho iBucs eyaguqa khona kowamanqamu, yayiqhutshwa nguNcikazi owayebambisene noFadlu Davids.


IBucs yamlanda iqala isizini emuva kokuba ehlukane ne-Arrows. Ngesizini edlule uNcikazi ubeyiphini likaJose Riveiro waseSpain onqobele eZimnyama iMTN8 neNedbank Cup. Nokho umthombo uthi uma kungalungi kuNcikazi, ngenxa yokuthi usenenkontileka nePirates, abaphathi beBay bangase bankankanye eyokuthi bangakwazi yini ukusebenzisa uLuc Eymael waseBelgium owakwazi ukunqobela iFree State Stars isicoco ekubeni wayesebenza kuyona ingenabo abaxhasi, idonsa kanzima kwezemali. Umthombo uthe: “Nakuba uNcikazi eneme kwiPirates, ngoba imphethe kahle, kodwa useyicubungulile indaba yokushelwa yiBay FC. “Kungenzeka avumbuke kuyona. Umnikazi weBay (uJomo Biyela) uyasithanda isitayela sakhe sokuqeqesha.


“Phela washiya esifundazweni ehambela phezulu njengoba aqedisa i-Arrows endaweni yesine kwi-log.” ILANGA lithinta uBiyela ngodaba lomqeqeshi uthe: “Ngeke ngikhulume indaba yomqeqeshi ngoba sizokuba nesigcawu sabezindaba ngoMsombuluko lapho esizokwethula khona zonke izinhlelo zethu zangesizini ezayo. “Okumele ngikugcizelele nje wukuthi kasifuni ukuba nesizini efana nedlule, eyaphela sesimincile. “Sifuna umqeqeshi ozofika nozinzo.” Odabeni lwabadlali uthe luzophothulwa uma sekufike umqeqeshi omusha ukuze aziqokele kahle abantu akholwa wukuthi bazokwenza umsebenzi awudingayo. Phakathi kwabadlali okuthiwa bagaqelwe yiBay kukhona uSinethemba Mngomezulu obekwiStellenbosch FC no-Austin Dube weKaizer Chiefs.

Previous articleUselahlwe nguyise oqothe umndeni
Next articleKufe abawu-8 kuhlasela isiphepho eThekwini