Ingcindezi ye-ActionSA iholele ekubhutsheni kwamaSAMA eKZN

405

LUCKY CAIN

KUPHELILE ngokusingathwa komcimbi weSouth African Music Awards (Sama) KwaZulu-Natal. Lokhu kumenyezelwe nguMnu Sboniso Duma (okwesokunxele esithombeni), ongungqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho kulesi sifundazwe. Ukumemezele emuva kwengcindezi efakwe yi-Action SA – engelinye lamaqembu aphikisiyo – okuthiwa ibhalele umengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa mayelana nemali obekuthiwa izosetshenziswa yilo mnyango ukusingatha lo mcimbi. 

Udaba lwemali yalo mcimbi lube sematheni emuva kokuvela kwezindaba zokuthi umnyango kaMnu Duma uzimisele ngokuzebenzisa u-R28 million ukusingatha amaSama. Nokho uDuma usichithile lesi samba wathi umnyango ubuhlele ukusebenzisa u-R20 million

Uthe udaba lwemali yomcimbi kudlalwe ngalo ipolitiki, yingakho kugcine kusabalala imibiko engelona iqiniso. Uveze ukuthi banqume ukuluhoxisa uxhaso abebeluhlelele lo mcimbi. Uthe nakuba kunjalo, bazimisele ngokuqhubeka nokweseka imicimbi eyahlukene eza nomnotho nenzuzo kulesi sifundazwe.

Previous article“Ufakwe amasondo” obeyisikhulu seNsfas
Next articleU-Amcu iyaqhubeka “nokuchiliza” iNUM emayini yabaqhinqe emgodini