Ingebhe emndenini ngabanyamalale ngoNcibijane

261

NONHLAKANIPHO SHINGA

UCELA usizo kwabangaba nolwazi ngokwenzeke emalungeni awo amathathu anyamalale ngoNcibijane umndeni wakwaHlongwane, eMakhosaneni, okuze kube yimanje kawatholakali. ILANGA likhulume noMnu Celani Mahlobo oyisihlobo, othe basakhungathekile ngokunyamalala kukaMnu Mandlendoda (42), yinkosikazi yakhe u-Andiswa (uMaZikode) nendodana yabo, uMalusi (2).

Ngokusho kukaMahlobo, uHlongwane usebenza kwaTransnet, eVryheid, kanti bekudingeka ukuba abuyele emsebenzini ngoLwesibili. “Sethukile uma sekungena izingcingo, ozakwabo bebuza ukuthi kungani engafikanga emsebenzini. Yilapho sibone khona ukuthi kunenkinga ngoba izingcingo zabo bezingasangeni,” esho.

Uthe bazame zonke izindlela abebecabanga ukuthi bangabathola ngazo, kodwa lutho. Babikele amaphoyisa yikhona bezosizwa ngabesiqophamkhondo (tracker) ukubabhekela umkhondo wemoto. “Bathole ukuthi kabafikanga ngisho eMnambithi. Okubi wukuthi imoto kayisabo-nakali nhlobo. Siyasola ukuthi kukhona okubehlele,” esho. 

Uthe uma kubhekwa ebhange, kuyabonakala ukuthi bafaka uphethiloli bengakafiki eMnambithi.  “Sinxusa noma ngubani ongaba nomkhondo ukuba asilekelele ngoba sikhathazekile. Amakhanda ethu aphithene njengoba ozakwabo bambheka emqashweni, kwabonakala ukuthi kabazange bafike, nathi sesiyile njengomndeni, safike sabona ukuthi kabafikanga nhlobo,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Robert Netshiunda, ukuqini-sekisile ukuthi amaphoyisa aseBergville aphenya ngokunyamalala kwamalungu omndeni, wathi abangaba nolwazi kucelwa bashayele esiteshini samaphoyisa.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleIyaqhubeka nokusikazana ngeklwa kuNgizwe nomalema
Next articleKubhuntshe ihlambo kuminza abebethunywe imbuzi yomsebenzi