Ingebhe emphakathini kubulawa uthisha ophunyelwe yimali yempesheni

218

SKHOSIPHI MTHEMBU 

SEZIQUBULE ingebhe emphakathi waseMbumbulu izigameko zokungenelwa kwabantu emizini yabo yizinswelaboya, emuva kokubulawa kowesifazane obenguthisha, okusolwa ukuthi ubesanda kuphunyelwa yimali yempesheni. Ngokuthola kweLANGA, isidumbu sikaNkz Duduzile Maureen Shezi (66), sitholwe yilungu lomndeni wakhe ngoLwesibili emzini wakhe – okuthiwa ubehlala yedwa kuwona. 

Kubikwa ukuthi ubefundisa eNgilanyoni Primary School, eMkhambathini, kanti uthathe umhlalaphansingonyaka odlule. 

Umthombo utshele leli phephandaba ukuthi ngesikhathi ilungu lomndeni lifika emzini wakhe, bekukhiyiwe, sengathi akukho muntu. Ligqekezile, langena, lazithela esidunjini sikaNkz Shezi. Uthi endlini bekumapeketwane, kubonakala ukuthi kukhona obekwenzeka. Elinye ilungu lomphakathi elikhulume neLANGA elicele ukuba siligodle igama lalo, lithe lesi sigameko sishiye umphakathi uthukile njengoba sezibukeka zanda izigameko zokungenelwa kwabantu emizini yabo endaweni. “Ngaphambi kwalesi sigameko, kunomunye umndeni oke wangenelwa ngabantu abangaziwa, bawukhomba ngezibhamu maqede bafuna imali, bawuphuca nomakhalekhukhwini. 

 ILANGA likhulume nelungu lomndeni elingatholakalanga igama lalo, eliphawule kanje libuzwa ngalesi sigameko: “Uma udaba nike nalushicilela ephepheni ngaphandle kwemvume yethu, sizohlangana enkantolo.” Lisho la mazwi maqede lavala ucingo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aseMbumbulu aphenya icala lokubulala. 

Previous articleUdumele ngesinqumo seChiefs
Next articleHALALA KWABANQOBILE