Ingebhe ezigodini ezinomlando wokungezwani kubulawa induna

250

THANDOLUHLE NGUBO

SEKUQUBUKE ingebhe ezigodini ezimbili zaKwaNongoma – ezinomlando wokungahoshelani – emuva kokuba ngoLwesibili kudutshulwe kwabulawa induna yezinsizwa, isemzini wayo, KwaMusi, khona KwaNongoma. Kubikwa ukuthi uMnu Gcwalumuzi Khumalo (59), ubulawa nje, ubezinikele ekuqapheni isimo phakathi kwabafundi baseSihlahla Senkosi High School njengoba ebeyingxenye yabazali abebezinikele ukuyoqhingqa emagcekeni alesi sikole ngemuva kwesigameko sokugwazwa kubulawe umfundi ngeledlule. 

Kulesi sigameko kubulawe, uThembelihle Zondi (21) (osesithombeni), waKwaMusi, obenza umatikuletsheni. Kuvela ukuthi ubulawe nguzakwabo wasesigodini uNyango, esegunjini lokufundela. Izinsolo ziveza ukuthi uThembelihle uxabane nalo mfundi ndawana thile kuyimpelasonto, impi yabo yaphelela esikoleni. Umsolwa kuthiwa uzame ukubaleka, kodwa wabanjwa ngabanye abafundi, “bambeka izandla” ngaphambi kokuba aphuthunyiswa esibhedlela isimo singesihle. 

Ngokuthola kweLANGA, lesi sigameko sisuse umsindo kumalungu aKwaMusi nawasoNyango njengoba kuze kwalamula amaphoyisa sekukhonjwana ngezibhamu. Ngosuku olulandela olokubulawa kukaThembelihle, kudutshulwe kwabulawa uMnu Thuba Mncube wasoNyango ehostela eJeppe, eGoli. Amahlebezi aveza ukuthi ukubulawa kukaMncube kuhlobene nesigameko sokubulawa kukaThembelihle. 

ILANGA lixhumane nekhansela laKwaMusi, uMnu Simangaliso Mbatha, elithe sekuqubuke ingebhe kumalungu alezi zigodi. “Ngemuva kwesigameko sokugwazwa komfana wakwaZondi, sibe nomhlangano nabaholi bomphakathi, okuyizinduna zezigodi zombili, umphathi wamaphoyisa KwaNongoma, abazali nomkhandlu wenkosi. Inhloso bekuwukunqanda ukuthi le mpi ingakapakeli ezigodini njengoba imimoya ibiphezulu. Kulo mhlangano, sivumelene ngokuthi kunabazali abazobambisana, bayoqapha ukuthi ingabi khona impi emagcekeni esikole. UKhumalo (induna yezinsizwa) ngomunye walabo abebezinikele ekuqapheni isimo kulesi sikole,” kusho uMbatha.

Uthe ukudutshulwa kukaKhumalo kuphazamise ukufunda obekuvele kuphazamisekile, njengoba iningi labafundi lingalubhadanga esikoleni
ngoLwesithathu, kanti abebeyile bajikisiwe. Uqhubengokuthi bazoqhubeka nemizamo yokunqanda lezi zigameko nokuthi abantu bakulezi zigodi ezimbili bathelelane amanzi. “Sinethemba lokuthi isixazululo sizosithola maduze. Ukubulawa kukaMncube noKhumalo sesikubeke ezandleni zamaphoyisa, yiwona azocacisa ukuthi kuhlobene yini nokubulawa komfana
wakwaZondi,” kusho uMbatha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko sokubulawa kukaKhumalo. “Amaphoyisa aKwaNongoma aphenya icala lokubulawa kowesilisa ona-59. Imibiko esinayo ithi udutshulwe ngezinhlamvu eziningi ngabasolwa abangaziwa, abaqhamuke ehlathini elingakwakhe,” esho. 

Previous articleUyabuya e-USA umsolwa owayengumsizi kaMagashule
Next articleUkwanda kwabadukelene kuphoqe ukubuyiswa kweKhumbulekhaya