Ingebhe kubulawa othisha (3) nabazali babo

312

NONHLAKANIPHO SHINGA noSKHOSIPHI MTHEMBU

ASHAYISANA ngamakhanda amalungu omphakathi waseBasamlilo, oNdini ngesigameko sokubulawa kwamalungu awu-5 omndeni wakwaMayise entathakusa yangoMgqibelo. Kubikwa ukuthi uMnu Mandlenkosi Mayise (63), uNkk Gebisile Mayise (63), namadodakazi abo amathathu  uNkz Phemile Mayise (36), uNkz Bongathini Mayise (34) noNkz Phindile Mayise (29) abangothisha ezikoleni ezisendaweni, ba-hlaselwe babulawa ngabantu abangaziwa. 

Ngokuthola kweLANGA, sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukugobhoza kwegazi kulesi sigodi. 

Ngokomthombo waleli phephandaba, kuzwakale kuqhuma izibhamu, kwabe sekuvela ukuthi kukhona abebehlasela lo mndeni. Kuthiwa abane bashonele  endaweni yesigameko, owesihlanu washonela endleleni ebheke esibhedlela.  “Sikhungathekile siwumphakathi, kasazi ukuthi kwenzekani. Ukubulawa kwamalungu omndeni wakwaMayise kusidida kakhulu ngoba vele kunezimpi nokubulawa kwabantu endaweni yakithi, kodwa okwabo kasazi noma kuyahambisana yini nalezi zimpi,” umthombo. 

shot from a handgun with fire and smoke

Uma izakhamizi zilanda, zithi ngenyanga edlule kubulawe amalungu omphakathi amane ngosuku olulodwa, emuva kwalokho kalubange lusaba khona uzinzo njengoba sekukhona ngisho abashiya imizi yabo, beyocasha ezihlotsheni. Nayo le mpi kawaziwa umnyombo wayo njengoba sekubulewe nenduna yobukhosi bakwaMlaba. 

Umthombo uthi ngaphambi kokubulawa kwabakwaMayise, ngoLwesihlanu ebusuku kuhlaselwe umndeni wakwaBiyela, kwashona umfana wakhona (17). Uthi sebeke bazama ukunxusa ubuholi bomdabu ukuba bungenelele, kodwa kunhlanga zimuka nomoya.

Imizamo yokuthola umndeni wakwaMayise iphunzile. 

IMeya yasoLundi, uMnu Wilson Ntsha-ngase, ikuqinisekisile ukuthi kunesimo esi-ngesihle kule ndawo engaphansi kuka-ward 28, yathi ngisho izisebenzi zikamasipala ziyesaba.

Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe esigamekweni sakwaMayise, kuvulwe amacala awu-5 okubulala . Usiqinisekisile nesigameko sangoLwesihlanu, wathi kuvu-lwe icala lokubulala nawu-5 okuzama ukubulala.

Previous articleZizovela enkantolo izisebenzi (13) zikaMasipala weTheku ezitelekile 
Next articleBavule isikhwama sokuthuthukisa abesibongo sabo oDlamini