SKHOSIPHI MTHEMBU
SEKUQUBUKE ingebhe emalungeni omphakathini waseMtubatuba, ikakhulu asebenza ezinkampanini zaseRichards Bay, emuva kokuhlaselwa kwebhasi ebeliwalande emsebenzini ngoMsombuluko.
Kuthiwa kwembulwa kwembeswa esibhedlela komunye wabagibeli okubikwa ukuthi udubulekile.
Kusolwa ukuthi izigilamkhuba bezililalele unyedle leli bhasi leZululand Bus Service.
Kuthiwa balivukele lisathulula abagibeli, ngenhlanhla besekusele abancane.
Umthombo weLANGA obusebhasini ngenkathi kwenzeka lesi sigameko, uthi kuthe sebeseMfekayi (khona eMtubatuba), kwavumbuka abantu eceleni komgwaqo, badubula bebhekise kuleli bhasi.
“Ibhasi selinesikhathi eside lithatha izisebenzi. Iningi labantu abasebenza eBay, lisebenzisa lona,” kusho umthombo.
UMnu Sfiso Sithole oyimenenja yale nkampani, uthe akukho angakuqagula athi kuyimbangela yokuhlaselwa kwebhasi labo, kodwa uveze ukuthi ngokwesibili kwenzeka isigameko esinjena, amasonto elandelana.
Uthi banqume ukukumisa ukuhamba kwebhasi labo kulo mzila kuze kuqedwe uphenyo, ukuvikela izisebenzi namakhasimende abo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi kuvulwe icala lokuzama ukubulala.