SKHOSIPHI MTHEMBU
SESIQUBULE ingebhe isigameko sokudutshulwa kwenyanga yaKwaMaphumulo – elalelwe unyendle ngabantu abangaziwa ngeledlule – emuva kokuba ezinyangeni ezimbili kudutshulwe kwabulawa umngani wayo, naye oyinyanga. UMnu Wiseman Ngidi, okumanje kubonwa ngokusa kuye esibhedlela, uhlaselwa nje, kusanda kubulawa uMnu Nkosiyezinyosi “Pe” Ncube obengumngani wakhe omkhulu.
ILANGA libikile ngokubulawa kukaNcube esesigodlweni sakhe. Yena uhlaselwe esesigodlweni sakhe. Abasolwa bafike bazenze abantu abafuna usizo lokwelashwa.
Odabeni lukaNgidi, kubikwa ukuthi ubehamba nabesilisa ababili abamsizayo njengoba abuye abe ngusomabhizinisi. “Kulaba ebengihamba nabo, kuphunyuke oyedwa engenamyocu, omunye udubuleke engalweni. Kugcine kungiphoqa ukuba ngi-mise imoto, ngenhlanhla lo muntu obesidubula ubesebaleke wangena ehlathini,” esho. Uthi akazi ukuthi yini imbangela yokuhlaselwa kwakhe ngoba ubengakaze athole zinsongo, futhi akaxabene namuntu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aKwaMaphumulo aphenya amacala amabili okuzama ukubulala, kanti bekungakaboshwa muntu.