SKHOSIPHI MTHEMBU
UZWAKALISE ukuphoxeka ngesinqumo seNkantolo yeMantshi yaseThekwini unina wowesifazane okusolwa uyise wezingane zakhe ngokumgwaza ephindelela, waze wambulala, njengoba inike umsolwa ibheyili ngoLwesibili.
UNkz Makgetho Phohlo, ukhale kakhulu ngesinqumo senkantolo sokudedela uMnu Mhlengi Ndaba (31), obhekene necala lokugwaza abulale uNkz Dima Phohlo (31) (osesithombeni) obeyingoduso yakhe. UNkz Phohlo ubulawe emasontweni amathathu edlule, eMorningside, eThekwini.
Kubikwa ukuthi umsolwa umgwaze emuva kwengxabano equbuke phakathi kwabo.
Ngeledlule umsolwa evele enkantolo, umshushisi, uCalvin Govender uveze ukuthi umbuso uzoncika kakhulu ebufakazini besithombemnyakazo (video) esaqoshwa yiCCTV, sikhombisa umsolwa egwaza umufi ngisho eselele phansi, kubuka izingane zabo.
NgoLwesibili, imantshi ikhiphe umsolwa ngebheyili ka-R20 000. Ubekelwe umbandela wokuthi angaxhumani nezingane zakhe nomufi, angasondeli eMorningside lapho kwenzeke khona isigameko nokuthi angaxhumani nofakazi.
Unina kaDima, uthe okubuhlungu kunakho konke, wukuthi indodakazi yakhe ibihlukunyezwa ngumsolwa, kodwa ekugcineni udedelwa ngebheyili sengathi akaze kwenzeke lutho.
“Kasiphephile njengoba esekhishiwe nje. Kasazi ukuthi kuzokwenzekani ngoba nginesiqiniseko sokuthi ngeke ayigcine le mibandela abekelwe yona ngoba uluhlaza. Sibona sengathi inkantolo isenzele phansi ngokumdedela,” kusho yena.