INGEBHE NGAMABHILIDI’ANGASANAKIWE’ENKABENI YETHEKU

253
NGELINYE lamabhilidi amadala enkabeni yeTheku

LUCKY CAIN
SIVUSE itwetwe ngamabhilidi amadala enkabeni yedolobha iTheku, isigameko esishaqisayo esenzeke eGoli ngoLwesine lapho kushe inqwaba yabantu kwashona, abawu-76 okubalwa kubona nezingane eziwu-12. Lesi sigameko senzeke ebhilidini elidala elingasanakiwe njengoba bese kuhlala abantu ngokungemthetho kulona. Kubikwa ukuthi leli bhilidi belingasekho esimeni esilungelem ukuthi kuhlale abantu kulona. Lesi sigameko sivuse ingebhe nakubahlali baseThekwini njengoba nasenkabeni yaleli dolobha ekhona amabhilidi angakulungele ukuhlala abantu futhi kwamanye awo kuhlala abantu ngokungemthetho. Kuzokhumbuleka ukuthi uMasipala weTheku uke wagasela kwamanye ala mabhilidi, kodwa lwabuye lwahoxiswa lolu hlelo. Okhulumela uMasipala weTheku, uNkk Gugu Sisilana, uthe lo masipala unalo ulwazi ngamabhilidi awu 88 angekho esimeni.

Uthe lukhona uhlelo abanalo ukulwa nezinkinga zamabhilidi njengoba ebalelwa ku-15 aselungisiwe, kwathi amahlanu adilizwa. Uthe awu-25, abanikazi bawosebezibophezele ukulandela umthetho, bawalungise. Uqhube wathi abanikazi bamabhilidi abahluleka wukulandela imiyalelo bazothathelwa izinyathelo kanti uma behluleka, amabhilidi abo angagcina edliwe noma adilizwa

Previous articleKuzodingeka ulibofuzoukuhlonza izidumbuzeningi labashe eGoli
Next articleUXHASO LWEMALIE SIKHUNGWENI SEZEMPILO ESISE-KZN