Ingebhe ngemigodi kamasipala “eyingozi” ezinganeni

76

THANDOLUHLE NGUBO

ISIQUBULE ingebhe emphakathini ngokuphepha kwezingane nezimoto zawo ezidlula emgwaqweni iMafeyizini Drive, kwaZ, eMlazi imigodi yamapayipi amanzi kamasipala osekuphele unyaka ingavalwa. Ngokuthola kweLANGA, phakathi nonyaka owedlule, kwaqhuma ipayipi lamanzi likaplasitiki, eligqitshwe kulo mgwaqo, okwaphoqa ukuba umasipala ukhiphe ithenda yokulilungisa, kodwa kalikalungiswa.

Leli phephandaba likhulume noNkk Busi Gumede, oyisakhamuzi endaweni, uthe umsebenzi wakhe sekuwukuqapha izingane ezincane ukuba zingadlaleli kule migodi embiwe phambi kwesango lakwakhe. Uthe sekufike izinkampani ezahlukene ziyolungisa la mapayipi, kodwa kufane njengoba esavuza nemigodi ingavaliwe.
Imizamo yokuthola uhlangothi lukaMasipala weTheku iphunzile, imibuzo othunyelelwe yona kuze kwashaya isikhathi sokuloba ingaphenduliwe.

Nakuba izakhamizi zibalisa ngepayipi lamanzi elivuzayo, uMasipala weTheku uhlale ugqugquzela ezinkundleni zokuxhumana ukuba ziwubikele ngamapayipi avuzayo njengendlela yokonga amanzi.
Uthi ungathintwa kulezi zinombolo: 073 148 3477/ noma ku-080 311 1111.

Previous articleInkosi neziyalo ezijulile emndenini kaShenge kwenziwa ihlambo lakhe
Next articleInjabulo kuvulwa ihhotela elavalwa kubhoke ukhuvethe