Kuthiwa amaphoyisa abegasele kulo muzi aphume ehlehla
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA
NOMFUNDO NGWANE
SEYISUSE umsindo, yaqubula ingebhe emphakathini waseHlobane, eVryheid, indaba yenyanga okuthiwa ibidumile kule ndawo, engcwatshwe esigodlweni sayo ngamadodana ayo kuphela ngenyanga edlule.
Emuva kokuba ILANGA lincinzwe indlebe ngalolu daba lokufihlwa kukaMnu Thabo Zulu (65), okuthiwa washona emuva kokugula isikhashana, linikele khona lafike lathwala kanzima, kwazise amadodana kamufi abengezwa mshini, engafuni muntu ozongena egcekeni lakwabo. Abekhala ngokuthi asehlukunyezwe kakhulu ngamalungu omphakathi nama-phoyisa ngokungcwaba kwawo uyise esigo-dlweni sakhe.
Igcine yehlile imimoya ILANGA laxoxa nenye yamadodana kamufi, uMnu Lwenzo Zulu (20). Uthe uyise ubedumile, ezindawe-ni eziningi aziwa ngokuthi uphatha imithi emibi yokukhipha abantu ejele, esolwa nangokuthi untshontsha izingane ezincane enze ngazo imithi. Utshele ILANGA ukuthi uyise ubehlala ebatshela ukuthi uma edlula emhlabeni, ucela bamngcwabele endlini ngoba akafuni kubekhona umuntu oyothola ithambo lakhe.
“Ngafika ekhaya kuyisonto, ngamfica ebambekile wangibizela endlini yakhe sa-xoxa. Wangidonsa ngendlebe wathi uma kwenzeka edlula emhlabeni, ucela simngcwabele esigodlweni sakhe esisha ashone esezakhele sona. Wathi akabadingi abantu bangaphandle namanye amalungu omndeni emngcwabeni wakhe, futhi akafuni ukuthi isidumbu sakhe siyiswe emakhazeni.
“Nebala wadlula emhlabeni kuwuMsombuluko kade sixoxe ngeSonto. Kwathi uma edlula, sahamba sayobikela amaphoyisa. Afika azomginqisa izithupha, sahamba sayokwenza isitifiketi sokushona, sabikela nenduna. Kasiwabikelanga amalungu omphakathi. Sabesesiginqa inkomo esayi-thatha esibayeni, samgoqa ngesikhumba sayo nabafowethu, samngcwabela esigo-dlweni ngosuku olulandelayo,” kusho uMnu Zulu.
Uthi bazwile nje sekunezinkulumo zamalungu omphakathi, ebasola ngokuthi babulale uyise ngoba befuna ukuthwala ngaye, abanye bekhuluma izinto ezingamanga bethi ithuna kalikho. Utshele leli phe-phandaba ukuthi uyise ubephila impilo eyehlukile, yingakho amalungu omphakathi ebehluleka ukumqonda aze amsole ngezinto ezimbi.
ILANGA liphinde lathola eyokuthi kugasele abakwasidlodlo ngoMsombuluko ebusuku beyoshaqa umshana kamufi, emuva kokuba bencinzwe indlebe ngamalungu omphakathi ukuthi inyanga ishiye isibhamu esingekho emthethweni esigodlweni sayo.
Kuthiwa amaphoyisa abeyolanda isibhamu aphume ethwele izandla ekhanda, ebo-na ithuna endlini. Abuyelile emzini kaMnu Zulu ngoLwesithathu eyothatha izithombe nokuthola kabanzi ngethuna, kodwa aphu-me engasayithandi indaba, amadodana ka-mufi kuthi mawawaqede, ala ukhasha, engafuni ukuba athathe izithombe zethuna likayise.
Atshele leli phephandaba ukuthi akukho noyedwa oyothinta ithuna likayise, oyolimba uyoyikhotha imbenge yomile. ILANGA lizibonele mathupha le ndlu karawondi eyakhiwe ngodaka yafulelwa ngotshani, okungcwatshwe kuyona uMnu Zulu, ikhiywa ngeketango.
Ngaphambi kokuba amadodana kamufi alivumele leli phephandaba ukuba lingene kule ndlu, aqale angena wona kuqala ayoshisa impepho, abikela uyise ukuthi izi-ntatheli zifuna ukuthatha isithombe sethuna lakhe. Athe kukho konke akwenzayo, aqale ambikele uyise endlini yakhe.
Athi le ndlu kayilali muntu, kodwa ayayivula ngezinye izinsuku ayishayise ngomo-ya.
Induna yendawo, uMnu Wonderboy Shabangu, okuyiyona ephelezele ILANGA ngesikhathi liyoxoxa namadodana kaMnu Zulu, itshele leli phephandaba ukuthi amadodana kaMnu Zulu ayibikela ngakho konke.
Ithe baningi abantu asebeke bafika kuyona beyobika ngodaba lokungcwatshwa ku-kaMnu Zulu endlini futhi abeke afike amacala kuyena, abantu besola uMnu Zulu ngezinto ezimbi, kodwa bengenabo ubufakazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Col Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuthi udaba lokufihlwa kukaMnu Zulu endlini lwabikwa emaphoyiseni.
nomfundo@ilanganews.co.za