Ingebhe ngokubheduka kwamatele

180

PHUMLANI GAMA

SEKUQUBUKE ingebhe ngesifo samatele esitholakale ezinkomeni ezimbalwa eVryheid nasoNdini, osekwenze uMnyango weZolimo KwaZulu-Natal wahlaba ikhwelo kubafuyi – ikakhulukazi basenyakatho nesifundazwe ukuba  bahambise imfuyo yabo emadiphini ukuze igonywe. Lo mnyango – oholwa nguNgqongqoshe uMnu Super Zuma – ukhiphe isitatimende ngoLwesibili wexwayisa ngokubheduka kwalesi sifo. 

UZuma uthe uma singanqandwa, singasabalala kusona sonke isifundazwe. Imfuyo evame ukuphathwa ngamatele, yizinkomo nezimbuzi.  “Lesi sifo sivelile naseMpangeni. Umnyango wethu usuvele uluqalile uhlelo lokulwa naso. Sinxusa nomphakathi ukuba ubambisane nathi ngokusondeza imfuyo yawo (ukuze igonywe),” esho.

Amatele abikwa KwaZulu-Natal nje, nase-Eastern Cape kukhalw aesifanayo. Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni eyedlule lesi sifo sashiya kukhalwa ezingxenyeni ezahlukene zezwe. Odokotela bemfuyo neziphathimandla zikahulumeni badalula ukuthi imfuyo ithelelwe yizinyathi ezisesiqiwini, iNdumo Game Reserve. Kwavela ukuthi lezi zinyathi zihamba ziwumhlambi kazelusile, ziqhamuka eMozambique. 

Previous article25 May 2024
Next articleI-Bay isiyiphonse kuNkulunkulu impi yezembe