SKHOSIPHI MTHEMBU
KUQHUME inganono ngoLwesibili amaphoyisa etholene phezulu nabasolwa ngokuhlalisa lubhojozi amalungu omphathathi waseNtuzuma, eThekwini, ikakhulukazi amalungu eCommunity Policing Forum (CPF).
Amaphoyisa adubule abulala abesilisa ababili nabesifazane ababili abaficwe emzini othile kwaC, eNtuzuma elandela
umkhondo wabasolwa ngokubulala.
Kulesi sigameko kushone uWarrant Officer Sthembiso Mazibuko, kwalimala nelinye iphoyisa eliphuthunyiswe esibhedlela.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, omunye wabasolwa osale enkundleni, ubefunelwa amacala awu-12 okubulala.
Phakathi kwabantu asolwa ngokubabulala, ngamalungu e-CPF.
Ngemuva kokudutshulwa kwabo, ILANGA lihambela izindawo ezahlukene ezakhelene nale ndawo, lapho kuvele khona ukuthi angaphezulu kuka-10 amalungu eCPF asebulewe.
Amalungu eCPF aseNtuzuma, eNanda, Bhambayi – ukukha nje phezulu – aveze ukuthi isimo sibi kakhulu, futhi anovalo lokuthi nawo angase abulawe.
ENanda kubulawe uMnu Nkosinathi Shange (osesithombeni), uMnu Khumbulani Gumede, uMnu Msawenkosi Gasa, noMnu Mnakiseni Mngadi obulawe ngoLwesithathu olwedlule.
KwaMashu nguMnu Ayanda Mkhize noMnu Gcina Mahlamvu.
ILANGA likhulume nobesondelene noShange – owadutshulwa mhla ka-24 kuMandulo (September) – oveze ukuthi umufi wabulawa elungiselela ukuya emhlanganweni we-CPF.
Uthi ababulali bamdubulela egcekeni lakubo, elungisa isicabha.
Ilungu lomndeni – elingeke lidalulwe ngezizathu zokuphepha – lithe umufi wayenovalo lokuthi angase ahlaselwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko sokubulawa kukaShashe nesikaMngadi, wathi amaphoyisa asaphenya.
skhom@ilanganews.co.za