Ingebhe ngokudunwa kwezimoto zoMnyango wezeMpilo

282

SKHOSIPHI MTHEMBU

SEKUQUBUKE ingebhe ngokuvama kwezigameko zokudunwa kwezimoto zoMnyango wezeMpilo eNdwedwe, emuva kokudutshulwa kubulawe unesi wesilisa ngoLwesithathu. UMthembeni Nyathikazi (38) obesebenza esibhedlela iMontebello, eNdwedwe, uvukelwe ngamadoda angaziwa ehamba nozakwabo besemsebenzini, akhala emuka nemoto yomsebenzi emuva kokumdubula amahlandla amathathu.

Kwenzeka lesi sigameko nje, bekungakapheli isikhathi esingakanani kudunwe iToyota Etios yomnyango ebihamba isisebenzi sasemtholampilo waseNdwedwe. 

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Nomagugu Simelane, uzwakalise ukukhathazeka ngokuvama kwalezi zigameko. Udlulise amazwi enduduzo emndenini kaNyathikazi, wathi bahlele ukuba izisebenzi zomnyango ebezikhona kubulawa uzakwabo, zilulekwe ngokomqondo. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokudunwa kwemoto kanti amaphoyisa asaphenya. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUKhuzani uncoma ukusebenzisana okuhle nabalandeli bakhe
Next articleOwezempilo ubonge uNgqongqoshe kaGesi ngomnikelo waseChina